EzintshaKaizer Chiefs

UKhanye usola ‘umasgcozi’ kwiChiefs ngezinguquko ezenziwayo

Ngokubona kwale nkakha, alukho ushintsho endleleni okwenziwa ngawo izinto eNaturena njengoba abaphathi besaphinda abebekwenza kule minyaka engu-10 edlule. 

IChiefs iqashe ithimba elisha labaqeqeshi eliholwa umqeqeshi odabuka eTunisia, uNasreddine Nabi. 

Kodwa ngokwabadlali iChiefs ishaya ngonyawo lonwabu njengoba isasayine abathathu, nabo engakabaqinisekisi. 

Phezulu ohlwini lwabadlali okubikwa ukuthi sebesayiniwe kwiChiefs kukhona owasemuva obekwi-Orlando Pirates kodwa obebolekiswe kwiMoroka Swallows uBongani Sam.

Kukhona nonozinti obekwiTS Galaxy uFiacre Ntwari nesitobha ebesikwiCape Town Spurs edliwe yizembe, uRushwin Dortley.

Yilapho ke uKhanye abona khona ukuthi abaphathi basaphinda amaphutha amadala bagaxelise iqembu kuleli hlazo leminyaka eyishiyagalolunye lingenandebe.

“Uma usayinisa abadlali awuvele usayine nje,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV la engumhlaziyi khona manje.

“Yebo, kuyinto enhle ukuthi balethe abaqeqeshi abasha. Kodwa uma sikhuluma iqiniso nje, bona (iKaizer Chiefs) basenza into efanayo nje.

“Balande uBongani Sam kodwa akadlalanga lo mfana kwiPirates, kwiSwallows ngimbone isikhathi esincane.

“Laba badlali asebesayiniswe iChiefs okungoNtwari, Sam noDortley (angiyizwa kahle indaba yabo)…

“Ngiqale ngenza ucwaningo ngoDortley. Kungithathe isikhathi ukuthi ngimkhumbule ngoba akulula ukubona umdlali osezingeni eliphezulu uma iqembu lidonsa kanzima.

“Akukho okutheni ngaye ngoba iqembu belidonsa kanzima futhi yinto efanayo eyenzeke kubadlali abafana no(Dillan) Solomons, (Kamohelo) Mahlatsi no(George) Matlou besuka kwiSwallows.

“Manje yilo mfana (uNtwari) weTS Galaxy ongunozinti, kunzima kakhulu kubona (iChiefs) manje. 

“Lokhu abakwenzayo sebeneminyaka engu-10 bekwenza (kungasebenzi),” kuchaza uKhanye.

Uveze ukuthi akaboni ukuthi kuyiqiniso okushiwo yiChiefs ukuthi abadlali bazosayinwa ngokuzwa nombono womqeqeshi ngabo.

“Angicabangi ukuthi umqeqeshi osayinisa laba badlali,” kuqhuba uKhanye osenegazi elibi kwabanye abalandeli ngenxa yokunganabukelisi kwakhe iqiniso.

“Kukhona umuntu osayinisa abadlali futhi umqeqeshi uzotshelwa ukuthi adlalise bani.”