Okwenza uRiveiro anike abafana abancane ithuba kwiBucs
– Sibongiseni Gumbi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uzwakalise ukweneliseka ngendlela abadlali abancane abadlale ngayo ngesikhathi sekhempu yeqembu eSpain.
Lo mqeqeshi osewine iMTN8 neNedbank Cup amahlandla amabili kulandelana, ukugcizelele ukuthi iminyaka ayisona isithiyo kulabo abafisa ukudlalela iPirates.
“Amathuba okudlala kwiPirates awancikile eminyakeni yakho,” kusho uRiveiro eseSpain.
“Uma ukulungele ngokwanele, futhi ukhombisa ukuthi ungafaka isandla empumelelweni yeqembu, uzodlala.”
Kubadlali abasebancane abasanda kufakwa eqenjini elikhulu kwiPirates kukhona umgadli othembisayo, uMohau Nkota, nonozinti uBayanda Zulu noSiyabonga Dladla.
Abanye abasebancane abakhona eqenjini kodwa abasayinwe kwamanye amaqembu kukhona abadlali basesiswini uThuso Moleleki noSelaelo Rasebotja.
AmaBhakabhaka aseSpain lapho enza amalungiselelo awo okuqala kwesizini, futhi anemidlalo eminingi yokuzizwa amandla.
Kuze kube manje, iPirates isidlale imidlalo emithathu, yanqoba owodwa yadlala ngokulingana kwemibili.
Umdlalo wabo wokugcina wobungani ngaphambi kokubuyela ekhaya uhlelelwe uLwesihlanu lapho izobhekana khona nezinkunzi zaseQatar, i-Al Sadd SC.
URiveiro ugqamise ukubaluleka kokunika wonke umdlali ithuba lokuveza amakhono akhe.
“Kuzoba nethuba lawo wonke umuntu. Kumele sibabheke laba bafana abancane ukuthi basesimweni esihle yini sokudlalela iPirates,” usho kanje.
Imidlalo yobungani isebenza njengenkundla ebalulekile kuRiveiro yokuhlola amandla abadlali abasebancane.
Kukule midlalo ngesizini edlule la uRelebohile Mofokeng aziveza khona ukuthi usekulungele ukudlala ngokugcwele eqenjini elikhulu.
Njengoba iqembu lilungiselela umdlalo walo wokugcina wobungani, uRiveiro usazibophezele ekunikezeni amathuba kubadlali abasebancane.
Ugcizelele ifilosofi yakhe yokuthi ithalente nokulungela ukudlala yiyona kuphela indlela akhetha ngayo iqembu lakhe kwi-Orlando Pirates.
“KwiPirates, akusetshenziswa iminyaka. Uma umuhle, uzodlala,” kusho uRiveiro.
OLUNYE UDABA: Imila ukhula ekaMothiba ebheke eNaturena
Umdlalo ozayo ne-Al Sadd SC uzoba yisivivinyo sokugcina eqenjini ngaphambi kokuthi libuyele ekhaya ukuyoqhubeka namalungiselelo esizini ezayo.