Iqinise ngomunye umgadli waseBrazil iSundowns
– Sibongiseni Gumbi
IMamelodi Sundowns inomlando ocebile wokuletha ithalente laseSouth America eqenjini layo, futhi ukusayina kwayo kwakamuva kuqhuba leli siko.
Ngemva kwamasonto ambalwa lihlukene noGaston Sirino wase-Uruguay noJunior Mendieta wase-Argentina, leli qembu laseChloorkop lethule umgadli omusha waseSouth America: u-Arthur De Oliviera Sales.
UGaston Sirino, obeyintandokazi yabalandeli futhi idabuka e-Uruguay, ukhululwe ngoJuni ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe.
Naphezu kwentshisekelo okuthiwa ivela kumaqembu amaningana, uSirino akakalitholii ikhaya elisha namanje.
UJunior Mendieta, oke wasebenza isikhashana kwiSundowns, ucele ukukhululwa ukuze ayoqhubeka nebhola lakhe eGreece.
Ukuvala isikhala salaba abahambayo, iSundowns yethule u-Arthur Sales, umdlali waphambili odabuka eBrazil, ngoLwesihlanu ekuseni.
Iqembu limemezele ukufika kwakhe kwividiyo eshicilelwe ezinkundleni zokuhumana iphelezelwa umbhalo othi, “Masandawana, yamukelani u-Arthur.”
Kule video uSales uzwakalise ukujabula kwakhe,, “Igama lami ngingu-Arthur Sales, ngiyajabula ukuba yiSandawana. Ka Bo Yellow.”
Kufanele ukuthi ngeke axwaye kakhulu uSales kwiSundowns njengoba ezofica omunye umdlali waseBrazil osanda kufika kuleli qembu uMartias Esquivel.
U-Esquivel Ribeiro ufike maphakathi nesizini edlule kwiSundowns, kanti ngaphezu kwakhe kukhona noMarcelo Allende waseChile, noLucas Ribeiro waseBrazil.
OLUNYE UDABA: Okwenza uRiveiro anike abafana abancane ithuba kwiBucs
Njengoba kunomlando oqinile wabadlali baseSouth America abanesandla empumelelweni yeqembu, abalandeli beSundowns bamagange ukubona ukuthi u-Arthur Sales ufika nani eqenjini.
USales ujoyine iMamelodi Sundowns esuka eqenjini laseBelgium, iLommel.