Ezintsha

Bazophinde babe ‘sesibayeni esisodwa’ uMokwena noRamovic? 

Ngesizini edlule ukushuba kwesimo phakathi kukaMokwena, obeqeqesha iMamelodi Sundowns, noRamovic, weTS Galaxy, kucishe kwafiak emanqindini uma kubhekene amaqembu abo.

Izingxabano zabo zishube kangangokuthi uMokwena uze wabhekana necala enkantolo ngemuva kokumangalelwa uRamovic neTS Galaxy.

UMokwena wasola uRamovic ngokugqugquzele abadlali bakhe ukuthi baziphindiselele kuBongani Zungu ngokulimaza uBernard Parker.

Wathi wabakhombisa ividiyo yesigameko wabanxusa ukuthi bangasikhohlwa lesi sigameko. 

Lokhu kuholele ekungqubuzaneni okukhulu phakathi kwalaba baqeqeshi ababili. Manje, lezi zigemegeme zabo zingase ziqhubeke kwiBotola Pro League eMorocco. 

Amahlebezi aveza ukuthi izinkunzi zaseMorocco, iRaja Casablanca, zicabanga ukuqasha uRamovic uma umqeqeshi wazo, uJosef Zinnbauer, ehamba. 

Lesi senzo singenza uRamovic ajoyine iligi eyodwa lapho uMokwena esengumqeqeshi, njengoba esethathe izintambo ezimbangini zeRaja, iWydad Athletic.

URamovic, onelayisensi ye-Uefa Pro, usezakhele udumo negama ngomsebenzi awenze kwiTS Galaxy. 

Ikhono lakhe lobuchule nokuba ngumuntu ozikhulumelayo kumenze wabalwa kwabebebhekwe emsebenzini wokuqeqesha iKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi iqoke uNasreddine Nabi.

Uma iRaja Casablanca imletha ngempela uRamovic eMorocco, lokhu kuzokwengeza esinye isinongo kwiBotola Pro League. 

Ukungqubuzana okungase kube khona phakathi kukaMokwena noRamovic eMorocco akungabazeki ukuthi kuzowunonga umqhudelwano, kudonse amehlo.