UMokwena uveza okumenze wachitha elakuleli
– Sibongiseni Gumbi
URulani Mokwena usedalule ukuthi ukhona umsebenzi ovelile obuzomhlalisa kwiDStv Premiership kodwa wagcina ngokuwunqaba.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-38 ukhululwe yiMamelodi Sundowns emasontweni ambalwa edlule, nokuyinto eshaqise abalandeli bebhola abaningi eNingizimu Afrika.
Yize eshiye iSundowns ngaphansi kwefu elibi lezinsolo zokuxabana namanye amalungu ethimba labaqeqeshi, uMokwena akazange azeswele izesheli.
UMokwena usejoyine izinkunzi zaseMorocco iWydad Athletic ngenkontileka yeminyaka emibili.
Le nkontileka yakhe imnikeza nenkululeko yokuhlanganisa ithimba lakhe labaqeqeshi nabadlali abasha.
Engxoxweni nomsakazi weMetro FM, u-Andile Ncube, uMokwena udalule ukuthi iRichards Bay ibisimbekele into ebhekile etafuleni.
“Bekunesicelo esihle esivela kwiRichards Bay, kodwa bengingeke ngikwazi ukuhlala eNingizimu Afrika ngibhekane neSundowns njengomqeqeshi,” kusho uMokwena.
“Ubudlelwano enginabo nabadlali beSundowns bebungenza kube nzima ukuthi ngihlale ebhentshi elibhekene nelabo.
“Leso ngesinye sezizathu ezingenze ngancamela ukushiya eNingizimu Afrika,” kusho lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Orlando Pirates neChippa United.
UMokwena ukhangwe kakhulu yiWydad ngenxa yemizamo enzulu eyenziwa yileli qembu ukuze limthole.
Phakathi kwale mizamo kube yisinqumo sokumisa zonke ezinye izingxoxo nabaqeqeshi abehlukene, okuhlanganisa nowayengumqeqeshi weChelsea neReal Madrid, uRafa Benitez.
“URafael Benitez ubesohlwini lwabaqeqeshi obekukhlunywa nabo ngalo msebenzi weWydad,” kusho uMokwena.
“Lokhu kukukhombisa ukuthi lo msebenzi mkhulu kangakanani. Ngiyathobeka ukuthi bagcine beqoke mina,” kusho uMokwena.
OLUNYE UDABA: ISpurs iqinisekisa owayo osebheke kwiChiefs
Lesi sinyathelo sikhombisa igxathu elibalulekile emsebenzini kaMokwena wokuqeqesha, njengoba esebhekene nenselelo entsha kweelinye lamaqembu ahlonishwayo e-Afrika.