AmaqembuEzintsha

Owe-Arrows ubhoboka ngokushiya isigubhukane kukaKomphela

UKomphela wayekade ekhona leli qembu lidlala umdlalo wobungani ngoLwesihlanu, kodwa wapakisha izikhwama zakhe wahamba naglobo busuku engasavalelisanga. 

Wayebizwe yiqembu lakhe anenkontileka kulo, iMamelodi Sundowns futhi lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 akukho ayengakwenza ngaphandle kokubhekisa amabombo eChloorkop.

Kubadlali be-Arrows ukushiya isigubhukane kwabadida futhi kwabashiya bexakekile. 

USibiya utshele iLisenethini kuleli sonto ukuthi lolu shintsho olwalungazelelwe lwabaphazamisa kanjani.

“Sathuka ekuseni (ngoMgqibelo) umqeqeshi sekuthiwa usehambile,” kusho uSibiya. 

“Iqembu bese lizijwayele izindlela zakhe zokwenza izinto futhi besibona ukuthi siyaphi, kodwa wavele wasishiya isigubhukane. 

“Kodwa ke noma kunjalo, yindlela ibhola elisebenza ngayo leyo; abadlali nabaqeqeshi bayafika baphinde bahambe.”

USibiya nokho yena uyinguganaboya kwi-Arrows. Ungomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside kuleli qembu njengoba eqale umsebenzi wakhe ezinkulisa zalo. 

Njengelungu leqembu eselimnkantshubomvu, ulazi njengoba ezazi isiko nendlela yokudlala yeqembu, futhi nguye othwele amathemba aBafana Besithende.

Emuva kokuhamba kukaKomphela, uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu babambe izintambo eqenjini njengoba abaphathi bematasatasa befuna umqeqeshi omusha. 

Yibo abazobe bephethe iqembu kwiKZN Premier’s Cup ezokuba oLundi ngoJulayi 27 no-28, lapho bezobhekana khona naMaZulu FC emdlalweni wokuqala.

UNonceba Madlala, oyimenenja yeqembu kwi-Arrows, ukuqinisekisile ukuthi leli qembu limatasa lifuna umqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaKomphela.