AmaqembuEzintsha

Kwasuka lokho: uguquko kubaqeqeshi kwiChippa United

Leli qembu leDStv Premiership, elizinze e-Eastern Cape, elaziwa ngokushintshashintsha abaqeqeshi njalo, selilungise kabusha ithimba lalo labaqeqeshi. 

Ekupheleni kwesizini ikhulule uMorgan Mammila obeyinhloko yezokuqeqesha, wahamba ekhala ngabathile abamxoshisile. 

Nokho, kulokhu akekho oxoshiwe; esikhundleni salokho, uKwanele Kopo ukhushulelwe esikhundleni sokuba ngumqeqeshi omkhulu, kanti uThabo September usezosebenza njengephini lakhe. 

Laba bobabili bajoyine iChippa United ngesizini edlule bengabaqeqeshi futhi bakugcina ababekubekelwe: ukuhlenga iqembu ezembeni.

“Umqeqeshi uKwanele Kopo noThabo September bafike maphakathi nesizini edlule,” kubhala iChippa esitatimendeni.

“Bajutshwe umgomo obalulekile wokugcina isikhala sekilabhu yethu (kwiligi enkulu) nokuqeda endaweni engcono. 

“Ngaphansi kobuholi babo, inhloso ifeziwe, saqhela ngamaphuzu angu-11 nalapho kudlalela khona izembe. 

“Impumelelo yabo ekufezeni le nhloso ibeke isisekelo esiqinile sekusasa leqembu.”

Njengoba isizini ka-2024/25 isondela, izinhloso zeChippa United sezishintshile. 

Ayisagculisekile ngokusebenzela ukuphunyuka ezembeni njalo nje, manje ikilabhu isihlose ukuncintisana futhi igxile ekuthuthukiseni ithalente lase-Eastern Cape. 

“Ngokuhambisana nalezi zinhloso ezintsha, iqembu linqume ukuqoka uKwanele Kopo njengomqeqeshi wesizini ka-2024/25.

“UThabo September uzothatha isikhundla sokuba yiphini lomqeqeshi,” kwengeza isitatimende. 

Iqhaza elisha likaSepthemba lizosho ukuthi usezogxila kakhulu kubadlali abalungiselelwa ukuba yizihlabani zakusasa abadabuka e-Eastern Cape. 

“Isipiliyoni esigcwele somqeqeshi uSeptember ekuthuthukisweni kwabadlali, ikakhulukazi emazingeni aphansi, simbeka endaweni enhle yokuhola imizamo yethu yokuthuthukisa ithalente lasekhaya e-Eastern Cape nokubafaka eqenjini lethu lokuqala.”

Iqembu likholwa wukuthi lo myalelo uzothuthukisa ukuncintisana kwawo futhi ubasize bafeze ukuzibophezela kwabo ekuzigqajeni kwe-Eastern Cape. 

“Sizinikezele ngokungaguquki esifundazweni sethu nomsebenzi wethu wokufukula ibhola,” kuphetha isitatimende.