EzintshaKaizer Chiefs

ISpurs iqinisekisa owayo osebheke kwiChiefs

UDortley ubengomunye wabadlali abenze kahle kwiSpurs ngesizini ebinzima kwiDStv Premiership ephele seyidliwe yizembe.

Manje uDortley yena usezoqhubeka nomsebenzi wakhe esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli ngaphansi kobuholi bukaNasreddine Nabi kuMakhosi.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-22, owaziwa ngekhono lakhe elimangalisayo, ubengumdlali obalulekile kwiSpurs. 

Yize leli qembu belidonsa kanzima, ukudlala kukaDortley kudonse amehlo amakilabhu amaningi, nokuphethe ngokuthi athathe yiKaizer Chiefs.

Esitatimendeni sabo esisemthethweni, iCape Town Spurs izwakalise ukubonga kuDortley nomndeni wakhe.

“Sithanda ukubonga uRushwin nomndeni wakhe ngenkolelo nokusethemba kule minyaka edlule,” kusho isitatimende seSpurs. 

“Ngokwesekwa nokubekezela kwabo, sikwazile ukubumba uRushwin waba umdlali omkhulu nomuntu anguye. 

“Sifisela uRushwin izibusiso nokuhle ngomsebenzi wakhe esikhathi esizayo.”

Lokhu kuphawula igxathu elibalulekile emsebenzini kaDortley njengoba ejoyina elinye lamaqembu ahlonishwayo eNingizimu Afrika.

Abalandeli beKaizer Chiefs bamagange ukubona ukuthi lo mdlali wasemuva osemncane uzoba neqhaza elinjani ezinhlelweni zeqembu labo ngesizini ezayo.