Imila ukhula ekaMothiba ebheke eNaturena
– Intatheli yeLisenethini
Asenciphe kakhulu amathuba okuthi iKaizer Chiefs ithole uLebo Mothiba njengoba lo mgadli esazimisele ngokuqhubeka nomsebenzi wakhe e-Europe.
Lo mgadli weBafana Bafana, manje osekhululekile kulandela ukushiya kwakhe kwiRC Strasbourg egijima kwiLigue 1 yaseFrance ekupheleni kwesizini edlule, ubelokhu emataniswa neChiefs.
Muva nje uMothiba kubikwa ukuthi ubonakale ekomkhulu leChiefs eNaturena, nokubhebhethekise amahlebezi okuthi angase aphelele kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Kodwa-ke, kubukeka sengathi lo mdlali oneminyaka engu-28 uzimisele ngokuhlala e-Europe, kanti ikilabhu yaseBelgium iStandard Liege ike yakhuluma naye.
Futhi ngathi naye ubefisa ukuya kuyo, kodwa ngeshwa, izingxoxo neStandard Liege ziphelele emoyeni ngenxa yokungavumelani ngemali.
Manje uMothiba usekhonjwa eqenjini laseTurkey elidlala esigabeni sesibili iKarlsurher, ngokusho kweTransfermarkt.
Kuthiwa uyahlolwa kuleli qembu kanti lokhu kungase kube yisikhathi esibalulekile emsebenzini wakhe njengoba ebheke ukuthola inkontileka ehambisana nezifiso zakhe.
Abalandeli beKaizer Chiefs bazophoxeka ngalokhu okuvela kamuva, kodwa izifiso zikaMothiba zase-Europe zisahamba phambili kuyena okwamanje.
OLUNYE UDABA: UChivaviro ubabaza ubunzulu bokuzilolonga kwiChiefs
Njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali liqhubeka, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uphelelaphi lo mgadli onekhono.