Usehlwithwe elaseTunisia ‘obefiswa’ yiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
IKaizer Chiefs seyiphunyukwe yiqatha emlonyeni njengoba umdlali obekuthiwa iyamfuna, u-Elias Mokwana, esephumile emakethe ngokwemibiko yakamuva.
Iqembu laseTunisia, i-Esperance neSekhukhune United, kuthiwa sebefinyelele esivumelwaneni ngokudayiselana uMokwana.
Lokhu sekuqege ukuqagela mayelana nokuthi engagcina eye kuMakhosi lo mdlali wasesiswini.
UMokwana ungomunye wabadlali okuthiwa basohlwini lwabafunwayo kwiChiefs, kodwa kubukeka sengathi i-Esperance isiwunqobile umbango wokumsayinisa.
Ukugqama kukaMokwana kuqale ngendlela adlale ngayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), lapho eveze khona ikhono lakhe emidlalweni yamazwe ngamazwe.
Ijubane lakhe, nokukwazi ukubona izikhala kwenze waheha amehlo amakilabhu amaningi aphezulu okukhona kuwo neMamelodi Sundowns.
KwiSekhukhune United, uMokwana uqhubekile nokuthuthuka, waba ngumdlali omqoka futhi ekhombisa ukukhula komqondo ngokudlala kahle nangaphansi kwengcindezi.
Ukufiswa yiKaizer Chiefs kuwubufakazi bekhono likaMokwana.
Nokho ukuphumelela kwe-Esperance kusho ukuthi uMokwana useyozigila ezinkundleni zaseTunisia izimanga, la okubhekeke ukuthi aqhubeke nokukhula.
Ngalesi sinyathelo, uMokwana ujoyina iqembu elihlonishwayo nelaziwa ngomoya walo wokunqoba nomlando onothile ebholeni lase-Afrika.
OLUNYE UDABA: UJali uqale uhambo olusha, usebheke ngale kokudlala
Uhambo lwakhe lokusuka ekubeni nethalente elithembisayo kwi-Afcon ukuya kumdlali ohahelwayo emakethe lugqamisa inqubekelaphambili yakhe emangalisayo.
IChiefs sekuzomele ibheke kwezinye izindawo ukuze iqinise isikwati sayo njengoba uMokwana eqala isahluko esisha ne-Esperance.