UKhuzwayo uzwela amavila azophenduka izihlwele kwiChiefs
– Alfred Ngubane
UBrilliant Khuzwayo uxwayisa abadlali beKaizer Chiefs ngokuzokwenzeka kubo njengoba sekunomqeqeshi omusha okuthiwa akawubambi umshini.
Ngokubona kukaKhuzwayo, owayengunozinti weChiefs, abadlali abazodlala umathanda wabo bazozithola sebephenduke izihlwele.
IChiefs isanda kuqinisekisa umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi waseTunisia njengoyena ozone ehola leli qembu kule sizini ezayo.
Ekhuluma neLisenethini ngesikhathi kwethulwa iKZN Premier’s Cup kuleli sonto, uKhuzwayo uthe uyabadabukela abadlali abangazimiseli.
“Ngiyabadabukela abadlali abafuna ukulandelwa ngemuva ngoba bazodlala ukuhlupheka kokungasitholi isikimu,” kusho uKhuzwayo.
“Bazozithola belele eClub House, bebukela ozokwabo bedlala ngoba uNabi ubonakala engumqeqeshi onesandla esiqinile… Akawafuni amavila.
“Abadlali abazothola ijezi kwiKaizer Chiefs manje ngabadlali abalisebenzele kanzima.”
Ube esechaza ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumdlali waleli qembu elinezigidi zabalandeli ezweni lonke.
“Uma ngabe uthole ithuba lokudlalela iKaizer Chiefs, lokho kuyingqayizivele futhi yinto enkulu njengoba inabalandeli abaningi…
“Laba balandeli bayibuka yonke indawo lapho idlala khona,” kusho uKhuzwayo owasuka kwiChiefs wathi qu kwi-Orlando Pirates.
UKhuzwayo wazakhela igama kwiChiefs kanti wanqoba iMTN8, iNedbank Cup nesicoco seligi sisabizwa nge-Absa Premiership amahlandla amabili ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter.
UKhuzwayo ehambisana noSiyabonga “Bhele” Nomvete, banganxusa eKZN Premier’s Cup akulo nyaka.
OLUNYE UDABA: UKanu Vilakazi uthi uzodla abantu ngabagajwe ezaseSoweto
Le nsizwa eneminyaka engu-34 yaphoqeleka ukuwaphenyeka ethala amakhokho esemncane ngenxa yokulimala.