AmaqembuEzintsha

UKanu Vilakazi uthi uzodla abantu ngabagajwe ezaseSoweto

Laba badlali bayingxenye yezinduku ezintsha ezithezwe ezikaKanu Vilakazi njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali nje. 

UKanu Vilakazi uzwakale egcwele injabulo ngabo, ebona bezoba wusizo ikakhulukazi njengoba kubhekwe lukhulu eqenjini lakhe. 

Phela iRichards Bay ibheke ukusuka ekubeni yiqembi lasezembeni, iye kwabanga izicoco ikakhulukazi njengoba seyithole uxhaso olubhekile nje. 

UVilakazi utshele iLisenethini ukuthi abadlali bakhe abasha bazogila amaqembu uma sekuqale imidlalo yeDStv Premiership.

USithebe usayinwe esuka kwiKaizer Chiefs aphelelwe kuyo yinkontileka kanti uMthethwa yena ubekwiMoroka Swallows esivaliwe, yadayisa isitifiketi sayo sePremiership.

“Laba badlali abaphelile njengoba abantu abaningi becabanga ukuthi baphelelwe wushatini,” kusho uVilakazi. 

Uhambe emazwini ashiwo nguSifiso Biyela, ongusihlalo weRichard Bay ngesikhathi kwethulwa laba badlali ngesonto elidlule.

USithebe uhlale amasizini amabili kwiChiefs kodwa wangafika ezingeni ebelilindelwe kulo ngenxa yokulimala nezinye izinselelo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSithebe wafika kwiChiefs kade epakisiwe kuMaZulu izinyanga eziyisithupha, ehlawuliselwa ukusayina neChiefs. 

Ekufikeni kwakhe uke wadlala isikhashana, kodwa kwasho ukuthi u-Arthur Zwane obengumqeqeshi ngaleso sikhathi akamuzwa kahle.

Nokho ezinyangeni eziyisithupha zokugcina ubeselithola njalo ijezi ngaphansi kukaCavin Johnson futhi eshova into ebonakalayo. 

NeChiefs ayaze yathembisa ukuthi kuzoxoxwa ngenkontileka entsha, kodwa wamangala esetshelwa ukuthi angabe esabuya, ngeke kusavuselelwa.