EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs igaxele ngabadlali bangaphandle?

Isibalo sabadlali bangaphandle senyukiel ngesikhathi kufika unozinti omusha uFiacre Ntwari ojoyina ngempelasonto edlule. 

Ukwengezwa kwalo nozinti waseRwanda kugcwalise inani labadlali bangaphandle beKaizer Chiefs, okumanje bavele bahlanu.

Ngaphandle kukaNtwari, abanye bangaphandle ngoThatayaone Ditlhokwe waseBotswana, u-Edson Castillo waseColombia, uChristian Saile Basomboli waseDR Congo, no-Edmilson Dove waseMozambique. 

Ngaphandle kokuthi idedele oyedwa noma ababili kulaba badlali noma ibabolekise, iChiefs kuzomele ibheke kuleli uma isayisa ukwengeza abadlali. 

Leli qembu limataniswa nabadlali abaningi abake basebenza nomqeqeshi walo omusha uNasreddine Nabi. 

Igama eligqamile kulabo ngelomgadli waseCongo, uFiston Mayele. Nokho, ngenxa yesimo njengamanje, isinqumo sokulanda uMayele sizoncika ohlwini lwabadlali bangaphandle.

Njengoba kuqhubeka iwindi lokuhwebelana ngabadlali, iKaizer Chiefs kuzomele ibhekane nalesi simo. 

Ababaningi ke nokho abadlali bakuleli abanohlonzo abakhona emakethe engakhetha kubo iChiefs.

Cishe lesi simo sizoyiphoqa ukuthi iqinise kakhulu kubadlali abafana no-Oswin Apolis wePookwane City noRushwin Dortley no-Ashley Cupido beCape Town Spurs.