UZungu ucacisa ukushiya kwaSpar kuMaZulu
– Alfred Ngubane
AmaZulu FC, ngomlomo kamengameli wawo uSandile Zungu, aseqinisekise ukulahlekelwa ngabaxhasi abaqavile iSpar neGrindrod.
ISpar, osekuphele iminyaka eminingi ingumxhasi omkhulu waMaZulu, isiqede ukusebenzisana naleli qembu laseThekwini, nokusho ukuphela kobudlelwano obunesikhathi eside bukhona.
Naphezu kwalokhu kuphazamiseka, uZungu uzwakalise ukuba nethemba ngekusasa, ememezela ukuthi kuzodalulwa abaxhasi abasha nabadlali abasha ekupheleni kwenyanga.
“Ekupheleni kwenyanga sizodalula abadlali abasha esibasayinisile kanjalo nabaxhasi abasha nejezi lethu lesizini ezayo,” usho kanje okaManzini.
UZungu uphinde wakhuluma ngamahlebezi mayelana nokuhamba kwabadlali u-Abubaker Mobara noThembela Sikhakhane.
“Kube namahlebezi ambalwa ngezinto eziningi, ikakhulukazi ezithinta uMobara noSikhakhane.
“Ngifuna ukusho ngokusobala ukuthi bayingxenye yeqembu lethu,” kucacisa yena, egcizelela ukuthi basengabadlali boSuthu.
Ebheka phambili uZungu uzwakalise izifiso zakhe kuMaZulu FC ngesizini ezayo, ebeka ithemba elikhulu eqenjini.
“Sifuna ukudlala kwiCaf Champions League futhi wonke umuntu uyazi ukuthi yini okumele yenziwe.
“Ngilindele ukuthi abadlali bakulungele ukufeza le nhloso,” usho kanje.
Nokho ukuze kufezwe lokhu okuhloswe uZungu, kuzomele AmaZulu aqede engompetha beDStv Premiership noma esendaweni yesibili.
OLUNYE UDABA: URasebotja uphawula ngokujoyina iPirates kungazelele muntu
Amaqembu amabili angena kulo mqhudelwano kuleli njengoba kulokhu kuzoba yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates abazodlala lo mqhudelwano.