UMokwena akazikhohlisi ngomthwalo abhekene nawo kwiWydad
– Sibongiseni Gumbi
Nakuba uRulani Mokwena ekujabulela ukwamukelwa ngemfudumalo kusukela ejoyine iWydad Athletic yaseMorocco, uyaqonda ukuthi kumele alethe imiphumela ukuze abonge uthando alukhonjisiwe.
Uqinisekiswe njengomqeqeshi omusha walezi zinkunzi zaseMorocco ngempelasonto edlule, futhi uMokwena useqalile ukusebenza.
Yize exoshwe kabuhlungu kwiMamelodi Sundowns, uMokwena akazange ahlale isikhathi eside engenaqembu.
I-Wydad imbekele into abengeke ayinqabe etafuleni, futhi manje usebhekene nenselelo yokuthuthukisa leli qembu eliqede endaweni yesithupha kwiligi yeBotola ngesizini edlule, laphuthelwa ukuyodlala imiqhudelwano ye-Caf.
UMokwena unikezwe inkululeko yokuzikhethela ithimba lakhe labaqeqeshi abazomlekelela kulo msebenzi, nokuyinto emqoka njengoba ehlose ukuguqula isimo.
“Ngamukelwe ngothando olukhulu eMorocco,” usho kanje uMokwena engxoxweni abe nayo neRadio 2000 ngoMsombuluko ebusuku.
“Umengameli uthi akakaze ayibone into enjena ekilabhini. Isigcawu sokwethulwa kwami sibukelwe abantu abangu-10 million.
“Kodwa umsebenzi wangempela uqala manje. Kuyinto eyodwa ukuthandwa, kodwa futhi kufanele sibuyisele lokho ngemiphumela. “
UMokwena ukuqinisekisile ukuthi uSinethemba Badela osanda kwesula kwiSundowns usejoyine iWydad.
“Bakhona abanye engifuna ukubaletha lapha. Ngifuna ukunika abaqeqeshi baseNingizimu Afrika ithuba, kodwa kuyinselelo enzima, futhi kunzima ukuthi bavele bavume nje.
“Sesiqalile ukusebenza. Ngisehhovisi sikhuluma nje. Umqeqeshi uBadela naye ukhona lapha nami, futhi sicubungula abadlali esinabo.”
Nokho umqeqeshi oyisethenjwa sakhe, uMichael Loftman, akavumi ukumjoyina kulo msebenzi omusha kwiWydad yize eseshiyile kwiSundowns.
“UMichael Loftman ungomunye wabantu ebengibafuna ukuba nabo, kodwa ufuna usafuna ukuthatha ikhefu.
“Akakayidlulisi kahle eyenzeke kithi ekilabhini yethu edlule (iSundowns).”
OLUNYE UDABA: I-Arrows ibhuqe iSwallows yethula umdlali wayo omusha
UMokwena ubonakala esazi ukuthi lolu hambo lwakhe olusha neWydad Athletic luyaqala, futhi kulindeleke lukhulu kuye.