AmaZuluEzintsha

Okwenza uZungu waMaZulu angabi nandaba neVAR 

Amaphutha enzeke ngesizini edlule enze kwaba nezikhalo eziningi, nezicelo zokuthi lusheshiswe lolu hlelo kwiDStv Premiership. 

Kumanje kunamahlebezi okuthi lolu hlelo luzoqala ngesizini ezayo emidlalweni emikhulu njengeyamanqamu.

Kuthiwa kungenzeka luhlolwe kowamanqamu weMTN8 okuyindebe yokuqala edlalwa amaqembu asesigabeni esiphezulu kuleli. 

Kodwa uZungu akaluboni lolu hlelo luzolungisa inkinga yamaphutha onompempe kwiPSL.

“Noma ngabe ikhona, noma ayikho iVAR, amaphutha ngeke aphele.” kusho uZungu.

Ubekhuluma ngesikhathi enomhlangano nabezindaba ngoMsombuluko ekuseni, ukucacisa ngezinhlelo zeqembu. 

“Kungcono kuqhubeke wona lo mbhedo obuvele ukhona wonompempe abanamaphutha.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi uZungu ukhale kakhulu ngamaphutha enziwa ngonompempe  nabaqhathe nenduku ngesizini edlule. 

Ezindabeni zeqembu, uZungu uveze ukuthi kukhona abadlali abazama inhlanhla eqenjini, wathi kodwa zonke izinguquko zizomenyezelwa ekupheleni kwenyanga. 

Njengoba ethe ufuna leli qembu lakhe liqede ezindaaweni ezizolifaka kwiCaf Champions League, kubhekwe ukuthi alande abadlali abanohlonze.