Umanqika uKhune ngesikhundla anunuselwa ngaso kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
IKaizer Chiefs ihlela ukunikeza unozinti ongumakadebona u-Itumeleng Khune umsebenzi ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali abasebancane.
Nokho kuvela ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-37 kusamele athathe isinqumo sokuthi uyakwamukela yini lokhu noma uthola elinye ikhaya.
Ngokubika kweSunday World, uKhune kuthiwa akekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha futhi ushiywe ngemuva ohambeni oluya ekhempini eTurkey.
IChiefs imemezele ngokusemthethweni ukuthi isayinise umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi, ofike nethimba lakhe labaqeqeshi.
UNabi ujoyine iqembu elihamba eTurkey ngemuva komdlalo wakhe wokugcina neqembu laseMorocco i-AS FAR ngeSonto eledlule.
UNabi uphinde waqinisekisa umqeqeshi wakhe wonozinti, u-Ilyes Mzoughi, ongene endaweni kaRainer Dinkelacker, osebuyele eGermany.
IChiefs ifake izithombe zikaMzoughi enonozinti bakhe abathathu uBruce Bvuma, uBrandon Peterson noBontle Molefe, nokuyinto eqinisekisa ukuthi uKhune ngeke abe yingxenye yonozinti ukuya phambili.
“UKhune kumele akhethe phakathi kokubili futhi lokhu kuyisinqumo esinzima okumele asithathe,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Unikezwa isikhundla ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali abasebancane, kungenzeka athathe leso sikhundla…
“Uma enquma ukushiya, kuyobe ubhidliza ubudlelwano beminyaka engu-25 azakhele bona naMakhosi.
“Ubengomunye wabadlali abahola kakhulu kuleli kanti kuzomele amukele ukwehliswa kweholo lakhe uma ejoyina inkulisa.
“Okunye angakwenza wukushiya iqembu alithanda ngenhliziyo yakhe yonke ayofuna elinye ikhaya kwelinye iqembu.
“Lokhu kuzoba buhlungu kakhulu kuyena ngoba uma eshiya, kuyoba nzima kakhulu ukuthi angabuye abuyele kwiChiefs.
“Akucaci ukuthi yiliphi iqhaza azolibamba ezinkulisa kodwa into eqinisekile wukuthi ngeke esaba yingxenye yeqembu elikhulu.
“Sekusele kuye manje ukuthi anqume indlela eya phambili ngekusasa lakhe futhi wonke umuntu ulinde yena”
Imenenja yezokukhangisa kwiChiefs uJessica Motaung uthe iqembu lizokwenza isimemezelo ngekusasa likaKhune emasontweni ezayo.
OLUNYE UDABA: Udlelwa umuzi owayeyisihlabani sePirates
“Siyaxoxisana naye futhi uyingxenye yomndeni. Ngemuva kweminyaka engu-25 usefana nomfowethu omncane kimi. Siyaxoxa ngamathuba akhona kuyena eqenjini.”