EzintshaKaizer Chiefs

Ukhala ngeChiefs ‘engcolise igama lakhe’ uJohnson

UJohnson unikwe umsebenzi wokuqeqesha kwiChiefs kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki, kodwa izinto zabhimba kakhulu kunakuqala ngaphansi kwesandla sakhe. 

“Kimina njengamanje, ngicabanga ukuthi kudingeka ikhefu okungenani lamasonto amabili,” kusho uJohnson kwi-OTW Podcast. 

“Kodwa sibheka ukuthi sithole umsebenzi wokuqeqesha ezwenikazi noma nakhona la eNingizimu Afrika. 

“Ngicabanga ukuthi kumele ngi… Igama lami lingcolisekile,” kuqhuba lo mqeqeshi oneminyaka engu-65. 

“Uma kungavela umsebenzi wokuphatha inkulisa, kumele kube yiqembu elinenhloso yokukhiqiza abadlali abasezingeni. Ngingawuthatha.  

UJohnson uveze nokuthi ngesikhathi ejoyina iChiefs, wayengenaso isifisosokuba umqeqeshi.

Kodwa wabe esenxswa usihlalo uKaizer Motaung ukuthi akangene azame ukunqanda isimo esibi esasiseqenjini. 

Yize ayenokungabaza ngokuthi kuyisinqumo esifanele yini ukuthatha lo msebenzi, wawuthatha.

Kodwa manje useyabona ukuthi kwaba yisinqumo asithathele phezulu nesasingafanele.

“Ngiyacabanga ukuthi ukuvuma lo msebenzi wokutakula iChiefs kwaba yisinqumo esathathwa ngexhala.

“Uma kungathiwa kuphindelwa emuva kwenziwa kabusha, nginganqaba. 

“Isiko laleli qembu lehluke kakhulu kwelamanye amaqembu ePSL. 

“Usihlalo, uKaizer Motaung, wakhe isikhungo esikhulu kakulu laphaya.

“Ngakho kumele uqale ekuqaleni. Nginikeze umsebenzi manje ekuqaleni, ngizobe sengikutshela okumele ukwenze. 

“Kumele uzijwayeze ukuthi bayiqembu elinjani ngaphakathi kuqala, yilapho ke ungaphumelela khona. 

“Ngale kwalokho kufana nokuthi ungena ensimini etshalwe amabhomu futhi awazi nokuthi akuphi nendawo.”