EzintshaOrlando Pirates

Udlelwa umuzi owayeyisihlabani sePirates 

UQalinge usolwa ngokuthumela incwadi engumbombayi eqinisekisa ukuthi uyikhokhile le ntela, kanti manje le nhlangano seyifuna ukudayisa umuzi wakhe.

Lo muzi wakhe ulinganiselwa u-R4 million no-R5 million. 

Ukwengeza kulo mbango, kubikwa ukuthi unkosikazi kaQalinge wadukisa iphoyisa elathunyelwa ukuba lizodla impahla yasendlini. 

Kuthiwa umkaQalinge wathi yena uyisiqashi, futhi le fenisha esendlini ngeyakhe, akuyona ekaQalinge. 

UQalinge, obedlala kuMaZulu FC, usezithole esengene shi obishini lwezomthetho njengoba inhlangano yabanikazi bezindlu ifuna ukubuyisa intela abengayikhokhi. 

I-Eye of Africa Home Owners Association, emelwe yimenenja yezimali uGlenn Murray, isifake isicelo senkantolo eNkantolo eNkulu yaseGoli ukuthi kudayiswe umuzi kaQalinge. 

Ngokwamaphepha asenkantolo, uQalinge wathenga lo muzi ngo-Okthoba 31, 2018, kanti waqala ukukweleta imali engaphezu kuka-R99 000 ngoMashi 2021. 

Ngaphandle kokuthola isigwebo sokungakhokhi uQalinge ngo-Agasti 2, 2021, nencwadi eyalandela yokuthi athengise ifenisha yakhe, ummeli wenkantolo akakwazanga ukuthola uQalinge noma ukuqinisekisa ukuthi uhlala khona yini kulendlu.

NgoNovemba 2021, uQalinge wavuma ukuthi unezikweletu futhi wavuma ukukhokha isikweletu esilele emuva kwezinyanga ezingu-12, kusukela ngoJanuwari 2022 nezinkokhelo zenyanga ezingu-R10 000. 

Nokho, wehlulekile ukuthobela le mibandela yokukhokhelana. Ngo-Okthoba 2022, izikweletu zase zinyuke zafinyelela ku-R46 903, nokwadala ukuthi kube nesinqumo sokwephula umthetho ngoMashi 20, 2023. 

Incwadi efungelwe kaMurray iveza ukuthi isikweletu sikaQalinge selokhu saba ngaphezu kuka-R130 000 kusukela ngoMashi 1, 2024.