Igidigidi ngoZulu abaseSpain nePirates
– Intatheli yeLisenethini
Kusuke igidigidi ngabadlali bakwaZulu ababibili ababonakale ohlwini lwabadlali be-Orlando Pirates ngoLwesihlanu.
Njengamanje kulindeleke ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zimemezele abanye abadlali abasha kanti ukuveza kwababili abangoZulu kususe isasasa nokuqagela.
Njengamanje iPirates iseMarbella, eSpain, la inekhempu yokulungiselela isizini.
IPirates isamemezele ngokusemthethweni umdlali oyedwa kuphela, uDelvi Miguel Vieira, owaziwa ngelikaGilberto wase-Angola.
Kodwa uhla lwabadlali abebezodlala emdlalweni wokuzwana amandla nePlymouth Argyle ngoLwesihlanu, liveze amagama abadlali ababili abangaziwa.
Kulaba kubalwa uBayanda Zulu ongunozinti osemncane nomunye umdlali ongaziwa osibongo sakhe uZulu.
Abanye baqagele ekutheni lowo nguVeluyeke Zulu osanda kudedelwa AmaZulu kanti abanye bathi akusiyena.
Ngemuva kokukhipha lolu hlu kwi-X, ibuye yafaka olunye olungenabo laboZulu, yaluthumela kwabezindaba.
OLUNYE UDABA: Ziyanda izinkinga zokulimala kwabadlali kwiKaizer Chiefs
I-Orlando Pirates ayitholakalanga ukuthi icacise ukuthi ngobani labo Zulu.