Abadlali abancane abasihlabe umxhwele kwi-Euro 2024
– Intatheli yeLisenethini
I-Uefa European Championship ibilokhu iyisiteji lapho izihlabani zebhola zakusasa ziziveza emehlwnei omhlaba.
I-Euro 2024 nayo yenza okufanayo. Isikhiphe isizukulwane esisha sethalente eselilungele ukuvelela ebholeni.
Emiqhudelwaneni edlule, sibone ukuvela kwamathalente amangalisayo afana nawoCristiano Ronaldo, owagqama esemncane ku-Euro 2004, noCesc Fabregas, owadlala kwi-Euro 2008, naye wagcina engumdlali ophezulu.
I-Euro 2024 isifike emaphethelweni manje njengoba kuzodlalwa umdlalo wamanqamu ngeSonto ebusuku.
Nakuwo lo mqhudelwano kube nezihlabani ezisencane, ezikhomba ukuthi zinekusasa elihle ebholeni lo mhlaba ezibonakale kuwo.
Naba adlali abasebancane abahlanu abasihlabe umxhwele kwi-Euro 2024.
- 1. Nico Williams Omncane.
Iminyaka: 21
Izwe: Spain
Lo mgadli we-Athletic Bilbao udlise ngejubane nangomjiko, okwenza akwazi ukuvula izikhala nala zingekho khona.
- 2. Lamine Yamal
Iminyaka: 16
Izwe: Spain
Uqophe umlando njengomdlali omncane kunabo bonke owake wadlala futhi washaya amagoli kwi-European Championships. UYamal ubonise ukuvuthwa okumangalisayo nekhono elihle kakhulu.
- 3. Jamal Musiala
Iminyaka: 21
Izwe: Germany
Yize iGermany iphumile kuma-quarterfinal, uMusiala ugqame njengomunye wabashaye amagoli amaningi kulo mqhudelwano. Ikhono lakhe lokuthola isikhala nokwenza amaphasi anqumayo kumenze waba ngomunye wamathalente asebancane ajabulisa kakhulu kulo mqhudelwano.
- 4. Arda Güler
Iminyaka: 19
Izwe: Turkey
U-Arda Güler uzazise ngegoli elimangalisayo alishaya eqhelile epalini emdlalweni wakhe wokuqala. UGüler ube nesandla esikhulu ekutheni iTurkey idlule esigabeni samaqoqo.
OLUNYE UDABA: Ukhala ngeChiefs engolise igama lakhe uJohnson
- 5. Xavi Simons
Iminyaka: 21
Izwe: Netherlands
Uzivezile ukuthi usekulungele ukuthi adlale indawo ebalulekile naseqenjini lakhe iPSG njengoba kunguye obehola iNetherlands phambili.