EzintshaKaizer Chiefs

Ulimale engozini yemoto osale iChiefs iya eTurkey

OMduduzi Mdantsane, uTebogo Potsane, uGeorge Matlou, noDillon Solomons abazange babe yingxenye yalolu hambo ngenxa yokulimala okuhlukene.

“Nakuba iningi leqembu leKaizer Chiefs licijwa ekhempini yeqembu eTurkey yithimba labaqeqeshi elisha eliholwa nguNasreddine Nabi, kusele abadlali abane ngenxa yokulimala,” sifundeka isitatimende seChiefs.

UDokotela wamakhosi osenesikhathi eside eseqenjini, uDavid Milner nguye obe eseveza ulwazi olwengeziwe ngokulimala okwehlukene kwalaba badlali. 

Umdlali wasesiswini uTebogo Potsane, uDillan Solomons odlala ezindaweni ezihlukene, nabadlali basesiswini uGeorge Matlou noMduduzi Mdantsane kumanje basalashwa.

“Ukululama kukaTebogo kulandela ukuhlinzwa inyonga kuza kahle, futhi kulindeleke ukuthi abuyele ekuzilolongeni cishe emasontweni amabili,” kusho uMilner.

“UDillon wahlinzwa ehlombe, ngakho-ke ngeke alunge cishe amanye amasonto ayisishiyagalolunye, nakuba eseqalile ukugijima,” eqhubeka.

“UGeorge kulindeleke ukuthi abuye ngo-Okthoba kulandela ukuhlinzwa kwakhe edolweni. 

“Nokho, ngiyajabula ukubika ukuthi useyajima futhi useyazama kancane ukugijima,” kusho lo dokotela.

Ube eseveza ukuthi uMdantsane yena waphuka umhlathi engozini yemoto eyenzeke muva nje. 

“Wahlinzwa, kanti uma konke kuhamba kahle, kulindeleke ukuthi abuye ezinyangeni ezintathu.”