UKimvuidi ‘ubalisa’ ngoNdah osemqedile emkhahlela
– Sibongiseni Gumbi
Ukube kuya ngoKarim Kimvuidi ngabe baba sohlangothini olulodwa no-Olisa Ndah uma bengcweka ejimini ye-Orlando Pirates.
UKimvuidi, owaziwa ngebhola lakhe elinomjiko omnandi oya phambili, uthi uNdah uvele amqobe nje uma eke wazama ukudlula kuye ngomjiko.
Lokhu kuvezwe yilaba badlali ngesikhathi bekhuluma noThomas Mlambo oyinxusa leSuperSport Bets okungabaxhasi bePirates.
UMlambo usekhempini yePirates eMarbella, eSpain kanti ulokhu egabisela abalandeli ngokwenzekayo kule khempu ngamavidiyo awafaka kwi-X.
Kwenye ayenze ngasekuqaleni kwesonto, ukhulume noNdah noKimvuidi ngesikhathi besathathe ikhefu ekujimeni.
Ubuze uNdah ukuthi naye useke waba yini yisisulu somjiko kaKimvuidi njengabanye.
“Ngeke mina, ngimkhahlela nje kwaphela,” uphendule kanje uNdah kulo mbuzo ezihlekela.
Ube esewujikijela kuKimvuidi lo mbuzo, nokuyilapho eveze khona ukuthi usephelile ukukhahlelwa.
“Uma ngimjika, uyangikhahlela. Kumele athole ikhadi elibomvu ejimini lo mbhemu.
“Njalo nje uma engikhahlela, kumele athole ikhadi elibomvu. Wangikhahlela nje, ikhadi elibommvu.”
Ngale kwalokhu kuncokola kwabo, uKimvuidi uthe izinto zsahamba kahle yize kusinda nje kule khempu yabo.
“Ya, kusabamba kahle. Besivele sazi ukuthi lokhu kuzoba nzima, kodwa sizophusha,” kusho uKimvuidi.
Abalandeli bazothola ithuba lokubona ukuthi iphekani kulokhu iPirates kule khempu njengoba izozwana amandla nePlymouth Argyle ngoLwesihlanu ebusuku.
IPlymouth inomqeqeshi omusha, uWayne Rooney wodumo kwiManchester United neqembu lesizwe e-England.
OLUNYE UDABA: UTen Haag ubonge uMcCarthy ngakwenzele iMan United
Lo mdlalo uzoboniswa esiteshini sePirates seYoutube nakuSuperSport TV 202 kanti uzoqala ngo-6 ebusuku.