UDove ubika ngokwenzeka ekhempini yeChiefs
– Sibongiseni Gumbi
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, veza ukuthi kusahamba kahle ekhempini yabo eTurkey, futhi kubukeka izinto zizolunga.
IChiefs ingena esontweni layo lesibili lekhempu yokulungiselela isizini futhi igiya seliphezulu njengoba nomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi eseqalile ukusebenza.
“Ukulungiselela isizini kusahamba kahle, kushubile khona, kodwa vele yisona isikhathi esinzima sesizini,” kusho uDove kwabeChiefs Media.
“Kodwa ngibona sengathi bonke abadlali banomdlandla, futhi sibhekana nosuku ngalunye.
“Sithemba ukuthi kuzothi kushaya isikhathi sokuqala kwesizini, sizobe sesibukhali futhi sesikulungele ukudlala.
“Lamasonto amabili anele ukuthi ngibuyele esimweni esifanele,” kwengeza lo mdlali waseMozambique.
IChiefs imshiyise ikhempu yeMozambique uDove, yafike yamelulela inkontileka yabe seyihamba naye ukuya ekhempini yayo eTurkey.
“Akulula, ikakhulukazi kulabo abekade beseholidini kodwa usuku nosuku siba ngcono.
“Futhi nginethemba lokuthi kuzoqala isizini sonke sesikulungele ukuyibamba ishisa.
“Izolo sizicije kabili – okokuqala kube wukuyogijima ezintabeni ekuseni, kwathi emini sangena enkundleni.
“Ngaphezu kwakho konke, kusekuhle. Kumnandi ukubona umdlandla okhona njengasekuseni nje abafowethu bebecula kumnandi.
“Lokho kukhombisa umuzwa omuhle ekhempini, okuyinto ebalulekile kakhulu.
“Into ebaluleke kakhulu wukuthi sisesimweni la sizokwazi ukugxila ebholeni, sizame ukuzicija kukho konke okuzodingeka uma isizini iqala.
“Sinethimba elisha labaqeqeshi ngakho ukuzama ukubamba indlela afuna senze ngayo izinto…
“Bonke abaqeqeshi bahlukene, banendlela ehlukene yokwenza izinto nezinto abazifunayo.
“Kulele kithi singabadlali ukuthi sikubambe bese siyakwenza lokho abakufuna kithi.
“Ngethemab ukuthi sonke – ngokuhlangana – sizokwazi ukukubamba lokho esifundiswa khona ngaphambi kokuqala kwesizini.”
Kunemidlalo embalwa yokuzihlola ezodlalwa yiChiefs njengoba iseTurkey kanti uDove ukubona kuyinto enhle lokho.
“Kuhle kakhulu ukuba sendaweni efana nalena ngoba sizokwazi ukuzwana amandla namaqembu anabadlali abasezingeni eliphezulu.
“Lokho kuzosinika ithuba elihle lokuzihlola ukuthi sesikuphi ngokwezinga.
“Kuzosinika into esizosebenzela kuyo ukubona uma kusekhona okumele sikulungise ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Ngicabanga ukuthi mina ngokwami akukho engizibekele khona. Angizibekeli izinto ngokwami, ngibeka izinhloso zeqembu phambili.
“Iqembu elenza umdlali othile avelele… Ungazibekela ukuthi ufuna ukudlala imidlalo engu-30, kodwa ngabe lokho kungenzeka yini uma iqembu lingenzi kahle?
OLUNYE UDABA: UComitis ucacisa ‘eyawamaqonqela’ afuna uMayo
“Ngakho ngicabanga ukuthi into ebalulekile wukuthi sisonke siyiqembu senze kahle ukuze sibuyise izinsuku zenjabulo.”