UBaxter unxenxa iChiefs ukuthi ingagodoli nemali kuNabi
– Alfred Ngubane
UStuart Baxter, owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs ucebisa uNasraddine Nabi ngokuzokwenza umsebenzi wakhe uthokozelwe ngabaphathi nabalandeli kuleli qembu.
UNabi nguyena umqeqeshi wakamuva onikezwe umsebenzi wokuvusa leli qembu eselibe sebuthongweni iminyaka eyisishigalalolunye.
Ekhuluma ngokukhethekile neLisenethini, uBaxter uveze amacebo athi angamsiza lo mqeqeshi waseTunisia ukuthi azakhele ugazi ngokushesha eNaturena.
UBaxter nguyena umqeqeshi ogcine ukunqoba izindebe kwiChiefs njengoba aphuma neseDStv Premiership neseNedbank Cup ngesizini ka2014/15.
Ngemuva kwalapho iChiefs ibhodla indlala nezifo eziningi ezikhonjwa kuyona njengoba isilande uNabi ukuthi azoyihlenga.
Kubaqeqeshi abazanywe kusukela ngesikhathi sikaBaxter kukhona oSteve Komphela, Giovani Solinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Arthur Zwane, Molefe Ntsiki, Cavin noJohnson.
“Kuzomele abaphathi beKaizer Chiefs badedele uNabi enze umsebenzi wakhe ngokuthula,” kusho uBaxter.
“Kuzofanele bamnikeze imali yokuthenga abadlali abafunayo bangamxini ngabadlali abathandwa yibona.
“Akuzosebenzela muntu ukuthi uma efuna umdlali bagodole nemali yokumthenga. Lokho kuzofaka ingcindezi kuzo zonke izinhlangothi.
“IKaizer Chiefs idinga abadlali ezobathenga emakethe, hhayi ezobacosha phansi bengenamaqembu ngoba ngeke bayenzele lutho.
“Abaphathi beKaizer Chiefs ngicabanga ukuthi bayaqonda manje isimo sokuqala kabusha leli qembu ukuthi kuzomele bangene ephaketheni.”
IChiefs kumanje ikhempe ngaphandle eTurkey lapho izivalele khona ukulungiselela isizini entsha.
OLUNYE UDABA: Uphawula ngokubuyelwa kwakhe yifomu uKhama Billiat
Ekubuyeni ekhempini yayo, iChiefs izodlala umdlalo wendebe yayo entsha iToyota Cup neYoung Africans yaseTanzania eBloemfontein.