IChiefs isisayine unozinti ozovala esikaKhune
– Intatheli yeLisenethini
IKaizer Chiefs kubikwa ukuthi isisayinise unozinti okukholakala ukuthiuzovala isikhala sika-Itumeleng Khune kuleli qembu.
Kuvela ukuthi isisayine uFiacre Ntwari kwiTS Galaxy obengomunye wonozinti abagqamile kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
Njengoba umakadebona ongu-Itumeleng Khune kubhekwe ukuthi athathe umhlalaphansi, athathe omunye umsebenzi eqenjini, iChiefs ibifuna ozovala isikhala sakhe
Lokhu kwenze uNtwari omunye wababonakala bengafike benze umehluko kuleli qembu laseSoweto.
IChiefs ike ike yamataniswa nonozinti abehlukene ngesikhathi ithungatha okukhona kubo uSalim Magoola waseRichards Bay noweChippa United uStanley Nwabali waseNigeria.
Kodwa-ke, manje i-Unplayable ibika ukuthi leli qembu selisayinise unozinti waseRwanda uNtwari ophuma kwi-TS Galaxy.
“I-Unplayable isingakundalula ukuthi unozinti uFiacre Ntwari (24) usejoyine iKaizer Chiefs esuka kwiTS Galaxy,” kubhala leli phephandaba ku-X.
“UNtwari usesifakile isicelo se-visa yakhe futhi uma eseyitholile uzolibangisa eTurkey ukuyojoyina ikhempu yeChiefs yokulungiselela ukuqala kwesizini.”
OLUNYE UDABA: Ulimale engozini yemoto osale iChiefs iya eTurkey
IChiefs ayikavezi lutho ngabadlali ebafunayo nesibatholile njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali yize sekusele amasonto ambalwa kuqale isizini entsha.