Ezintsha

Wethulwe ngendlela ehlukile uMokwena kwiWydad

Cishe bese kuvele kwaziwa ukuthi lo mqeqeshi uzovumbuka kuleli qembu kulandela ukushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns ngesonto elidlule. 

ElangoLwesithathu lishone sekucikicwa imininingwane embalwa, bese eyasayina kanti nebala ngoLwesine kwenzekile lokho. 

Kodwa ngaphambi kokuthi leli qembu limethule lo mqeqeshi, liqale ngokufaka ezinkundleni zokuxhumana ividiyo ebiyenza kuqagelwe.

Kule vidiyo kubonakala othile, ongabonakali, eqaqa iphasela elinejakhethi ethandwa kakhulu uMokwena nabevamise ukuyigqoka kwiSundowns. 

Ayizange isho lutho iWydad ngale vidiyo, kodwa iyiphelezele nge-emoji yahlo neyesikhathi.

Lokhu kubonakala bekuchaza ukuthi akusasele sikhathi esingakanani bayiveze ‘imfihlo’ yabo ngomqeqeshi omusha. 

Ngokuhamba kosuku ibuye yakumemezela ngokusemthethweni ukuthi nebala le nsizwa eneminyaka engu-37 yiyo enikwe umsebenzi wocija leli qembu.

“Siyakwamukela mqeqeshi uRulani Mokwena. Silukulungele ukuthi usise epumelelweni,” libhale kanje leli qembu limethula.

IWydad ngelinye lamaqembu ase-Afrika azobe eseNdebeni yoMhlaba yamaqembu e-US ngonyaka ozayo.

Lokhu kusho ukuthi uMokwena usazolifeza iphupho lakhe lokuyoqeqesha kulo mqhudelwano obhekwe ngabomvu umhlaba wonke. 

Phela akusezukuba amaqembu ambalwa adlala kuwo, kodwa asezoba ngu-24, okwenza kube wumqhudelwano omkhulu. Buka nansi le vidiyo ngezansi: