EzintshaKaizer Chiefs

Uphika eyokwehluleka kwiChiefs uSithebe

Wafika kwiChiefs ngaphansi kwefu, futhi kubhekwe lukhulu kuyena, uSithebe akazange afike ezingeni elalibhekwe kuye eNaturena. 

USithebe wayesehlale izinyanga eziyisithupha zokugcina eqenjini lakhe langaphambilini, AmaZulu, eziqeqesha neqembu kodwa engayidlali imidlalo. 

Lokhu kungemuva kokuthi umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ecasulwe nguye ngokusayina inkontileka neChiefs, wamvimba ekudlaleni imidlalo esemthethweni.

 Ukulimala kuphinde kwaba yisithiyo kuye kwiChiefs, kodwa wakhombisa ukuba bukhali ezinsukwini zakhe zokugcina kule kilabhu yaseNaturena.

USithebe ungomunye wabadlali abazisiwe ngemuva kokuya bezolungiselela isizni ezayo kuMakhosi ukuthi ngeke zivuselelwe izinkontileka zabo. 

Lezi zindaba ebezingalindelekile zamlimaza emoyeni, ikakhulukazi njengoba phambilini iqembu belithembise ukuxoxisana naye ngokwelulwa kwenkontileka. 

Nokho, lo mdlali oneminyaka engu-31 usedlulele phambili ngempilo yakhe, wathola ikhaya elisha kwiRichards Bay.

Ekhuluma neLisenethini ngemuva kokwethulwa ngokusemthethweni ngoLwesithathu, uSithebe ukugcizelele ukuthi akabanga isehluleki kuMakhosi. 

“Angihlulekanga neze,” kusho yena. “Inkinga ibe sekutheni ngafika ngesikhathi esibi sendlala (yezindebe) kwiKaizer Chiefs.

“Izinto bezingayihambeli kahle  kanti lokho bekwenza yonke nje into ingahambi kahle eqenjini.” 

Ukweqiwa yijezi ngenxa yezinto ezithile athe ngeke azidalule, kwamenza wagcina ehlelwa nawukuzethemba. 

“Kodwa ithuba lokudlala engilitholile kumqeqeshi uCavin Johnson lingenze ngabuyelwa ukuzethemba…
“Kungenze ngabuyela ekudlaleleni ibhola lami engazakhela ngalo igama,” kusho uSithebe.

Inhlalo kaSithebe kwiChiefs kungenzeka kube yinselelo, kodwa usanethemba futhi uzimisele ukwenza okubonakalayo eqenjini lakhe elisha. 

Uthe ukukhetha iRichard Bay yingoba ufuna ukudlala ngaphandle kwengcindezi.

“Leli qembu linabadlali abasezingeni eliphezulu nabadlala kahle kakhulu…”