Ezintsha

Uphawula ngokubuyelwa kwakhe yifomu uKhama Billiat

Uqale wakuthola kunzima ukubamba umgqigqo wakhe, kodwa kancane kancane uBilliat uyabuyela kuwo.

Kumanje useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni eyishumi futhi ubukeka ebuyela kulowaBilliat wakudala.

Ukuvuka kukaBilliat sekuqubule izingxoxo zokuthi usengaphinde alunge uma engabuyela kwiDStv Premiership. 

Engxoxweni abe nayo nesiteshi seYouTube, iZTN, lo mdlali oneminyaka engu-33 oke wadlala kwiKaizer Chiefs uphumele obala ngezinsuku zakhe zokuqala kwiYadah nenqubekela phambili yakhe.

“Bekuya le nale; kuba nezinsuku esingafuni ukuzikhumbula,” kusho uBilliat.

“Futhi kubuye kube nezinsuku ezingcono, esithatha kuzo okuhle ukuze sikusebenzise ukuze sibe ngcono ngokuzayo.”

Uvumile ukuthi nakuba eseqala ukubuyela emgqigqweni wakhe, kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe. 

“Asikafinyeleli lapho ebesingathanda ukuba khona. Sinamaphupho amakhulu; sizibona senza kahle kakhulu kunalokhu. 

“Angicabangi ukuthi sesisondele kulokho, futhi muningi umsebenzi okusamele siwenze.”

UBilliat uzwakalise ukujabula ngokushaya amagoli futhi uzibophezele ekusizeni iqembu, uthi akukho ngaye yedwa. 

“Ngokushaya amagoli… Kuhlale kumnandi ukuba sohlwini lwabashaye amagoli,” kusho yena. 

“Kodwa ngigxile kakhulu eqenjini, futhi njengamanje, ngiyazi uma iqembu lenza kahle, wonke umuntu uzoba sethubeni elihle lokushaya amagoli amaningi.”

Uthe nakuba ethathwa njengomdlali onegama elikhulu, usalihlonipha ibhola futhi uyazi ukuthi kufanele asebenze kanzima.