DStv PremiershipEzintsha

OwePhakwe Gas uhlose lukhulu ngoxhaso lweRichards Bay

Uthi ufuna iRichards Bay iqede endaweni yesine kuya phezulu kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

UTenyane uphinde watshela iLisenethini ukuthi yena usuka eGoli kodwa uzokwenza umsebenzi eRichard Bay.

Uthi uzohlala iminyaka emuhlanu ngakho bekufanelekile ukuthi imali ayitholayo ingxenye yayo anikele ngayo emphakathini wakule ndawo.

Ukuxhasa kwethu iRichard Bay FC kungenye yezindlela esihlomulisa ngazo umphakathi siyiPhakwe Gas,” kusho uTenyane.

Uphinde wathembisa ukuthi izimpilo zabadlali beRichards Bay sezizoshintsha njengoba efake imali enguR100-mMillion kuleli qembu. 

Le mali ngeyamasizini amathathu. U-R40-million kuyo uzosetshenziswa ukhakhela leli qembu isikhungo esizoba nezinsiza. 

Kuzothi isizini ngayinye iqembu linikwe u-R20-million wokubhekana nezindleko kulawa amathathu ezayo. 

UTenyane ukhombise intshisekelo yokufukula iRichard Bay ukuze ibalwe namanye azoba sezingeni eliphezulu kakhulu kwiPSL.