IBucs icushelwe umgoga ofanayo kwiChamps League
– Sibongiseni Gumbi
Kungenzeka i-Orlando Pirates iphinde ifice iJwaneng Galaxy yaseBotswana zisuka nje emkhankasweni wayo kweCaf Champions League.
IPirates iqhathwe neDisciples FC yaseMadagascar emzuliswaneni wokuqala wokuhlungela lo mqhudelwano omkhulukazi ezwenikazi.
Ngokwezinga lalamaqembu, kubukeka kuzoba lula kakhulu kumaBhakabhaka ukudlulela phambili ngaphandle kwezithiyo.
Umdlalo ongase ube khona ngomzuliswano wesibili yilapho izinto ziba mnandi khona.
Uma iJwaneng Galaxy nayo inqoba umzuliswano wokuqala, izobhekana nePirates kowesibili.
Lesi simo sibuyisa izinkumbulo zesizini edlule lapho iJwaneng Galaxy isheshe yaluqeda uhambo lwePirates kulo mqhudelwano.
Lokhu kube yichashaza elibi emkhankasweni obumuhle wePirates ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
Cishe kulokhu izimisele ngokudlulela phambili njengoba isebenze kanzima ukuze iphinde ingene kwiChampions League.
IPirates ikujulukele ukuhtola indawo yesibili kwiDStv Premiership ngosuku lokugcina, ukuze ukubuyela kulo mqhudelwano.
Uma iPirates iphinda idlala neJwaneng Galaxy kulo nyaka, akungabazeki ukuthi izobe ibheke ukugwema ukuphinda ukuqhuzulwa yiqembu elilodwa.
Kufanele ukuthi iqembu libekelwe ukuthi kumele lenze kangcoono kwiChmapions League kulokhu.
Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns izoqala umkhankaso wayo emzuliswannei wesibili wokuhlunga.
Izohlangana nozonqoba phakathi kweFerroviário da Beira yaseMozambique neMbabane Swallows yase-Eswatini emzuliswaneni wokuqala.
OLUNYE UDABA: Ele-PSL lichitha ‘amanga’ abhalwe ngomqeqeshi walo
ISundowns, njengoba iphinde yazidlela amahlanga kwiDStv Premiership, izobe ibheke ukukhombisa amandla ayo ezingeni lezwekazi.