EzintshaOrlando Pirates

Ezibuhlungu kwiPirates: Sekushone isikhulu sayo

UTshabalala, obedume ngelika-“Screamer,” ubeneminyaka engu-75 kanti ubesehlale esibhedlela izinyanga ezimbalwa kulandela isigameko sokudutshulwa esemzini wakhe eSoweto ngoMashi.

“Umndeni wakwaTshabalala ne-Orlando Pirates bazisa umphakathi ngokudlula emhlabeni kukaStanley Tshabalala namuhla ntambama esibhedlela,” sifundeka kanje isitatimende sePirates. 

“UTshabalala, obedume ngelikaBra Stan kwabebesondelene naye, ushone kulandela ukulimala akuthola ngesikhathi edutshulwa ngoMashi nonyaka.”

UTshabalala unomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Uqeqeshe amakilabhu amaningi aphezulu okubalwa kuwo i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, wabamba elikhulu iqhaza ekuthuthukisweni kwebhola kuleli. 

Ubuholi nokuzinikela kwakhe kulo mdlalo kumenze wahlonishwa futhi wanconywa ngabadlali, ozakwabo nabalandeli ngokufanayo.

“Umndeni wakwaTshabalala ne-Orlando Pirates bazomemezela eminye imininingwane ngokuhamba kwesikhathi. 

“Umphakathi uyalulekwa ukuthi ulinde ukuhlinzekwa kwemininingwane mayelana nezinhlelo eziya phambili,” kuphetha isitatimende.

Ukudlula emhlabeni kukaTshabalala kuwukulahlekelwa okukhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Futhi uzokhunjulwa ngamagalelo akhe ebholeni laseNingizimu Afrika.

ILisenethini ikhalisana nomndeni wakwaTshabalala, abangani, izihlobo ne-Orlando Pirates. Sithi nje mabalale ngenxeba.