Ele-PSL lichitha ‘amanga’ abhalwe ngomqeqeshi walo
– Alfred Ngubane
IRichards Bay FC iyichithile imibiko yakamuva mayelana nezinguquko ezingase zibe khona ethimbeni labaqeqeshi.
Kuqubuke imibiko eveza amahlebezi okuthi kunongabazane ngekusasa lomqeqeshi uVusumuzi Vilakazi kulandela ukungafiki kwakhe kwethulwa izinhlelo zeqembu ngoLwesithathu.
Leli qembu lethule izinhlelo zalo zesizini ezayo, laphinde lamemezela nabaxhasi abazofaka imali engu-R100-million, iPhakwe Group.
Ukuqagela kwabezindaba kuveze ukuthi uVilakazi kungenzeka ukuthi ukhululiwe emsebenzini, nokuholele ekutheni iqembu liphendule.
“IRichards Bay Football Club ithanda ukuzichitha izindaba zokuthi iqembu selihlukene nomqeqeshi walo uVusumuzi ‘Kanu’ Vilakazi,” kusho iqembu.
“Kumanje umqeqeshi useGoli lapho enza izifundo zeCaf B Diploma futhi usengumqeqeshi weqembu.”
Iqembu lizwakalise ukuphoxeka ngalo mbiko ongelona iqiniso, lagcizelela ukuthi uVilakazi ubengekho ngenxa yemisebenzi yokuthuthukisa amakhono akhe.
“Kuyishwa ukuthi ngesikhathi sezindaba ezimnandi kanje kwiRichards Bay FC, abanye kwabezindaba banqume ukuba nomona ngalokhu futhi babhale indaba engamanga ngeqembu nomqeqeshi.”
Liqhube lathi usihlalo, uJomo Biyela, ubesicacisele lesi simo, futhi uyitshelile intatheli ebhale lolu daba ngesizathu sikaVilakazi sokuphuthelwa yilo mcimbi.
“Ukungatholakali komqeqeshi kwethulwa izinhlelo izolo kungenxa yokuthi ubehambele lezi sifundo, ngemvume yeqembu,” kuchaza leli qembu.
OLUNYE UDABA: IChiefs iqinisekisa ukuqokwa kukaNabi, imemezele nethimba lakhe
“Into evezwe ngabaxhasi wukuthi lokhu kungena kwemali kuzosiza ukuthuthukisa ithimba labaqeqeshi nokuthola abadlali.”