EzintshaKaizer Chiefs

Usejike endleleni obezolekelela uNabi kwiChiefs

U-Ayman Makroud usekuqinisekisile ukuthi ngeke esayijoyina iKaizer Chiefs kule sizini njengoba bekubhekiwe.

Lo mhlaziyi wendlela yokudlala osezingeni eliphezulu ubezojoyina ithimba likaNasreddine Nabi njengoba kade besebenza ndawonye kwi-AS Rabat.

Njengamanje Makroud kubikwa ukuthi useholidini eFrance ngemuva kokuphela kwesizini yeBotola Pro eMorocco.

UMakroud ukhiphe isitatimende ememezela ukushintsha kwezinhlelo zakhe. 

“Balandeli beKaizer Chiefs abathandekayo, ngiyabonga kakhulu ngemiyalezo yenu efudumele (yokungamukela). 

“Kodwa-ke, ngiyaxolisa ukunazisa ukuthi ngeke ngisayijoyina ikilabhu njengoba bekuhleliwe,” usho kanje. 

“Nginqume ukuthatha omunye umsebenzi, engizowumemezela maduze. Ngiyabonga ngokuqonda kwenu nokungeseka.”

Lesi simemezelo ebesingasilindele ngokusobala sizoshiya abaphathi beKaizer Chiefs benemibuzo engaphenduleki. 

Lo mhlaziyi uke wamataniswa neWydad Athletic Club emasontweni adlule, kodwa akucaci ukuthi uzomyisa kuphi umsebenzi wakhe olandelayo.

Lesi sinqumo sikaMakroud kufanele ukuthi siqhamuke iChiefs ingazelele kanti beyithembele olwazini analo ukuze iqinise ithimba labaqeqeshi. 

Ngokomlando wakhe noNabi, kuyacaca ukuthi ubezoba yikhongco elibalulekile kuleli thimba.