UNabi unezinselelo ezintathu ezimbheke emehlweni kwiChiefs
– Sibongiseni Gumbi
Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubhekene nomsebenzi oyinselelo njengoba ezohola leli qembu eselike lanezingqinamba ezimbalwa.
IChiefs ihlangabezane nezinkinga ezinkulu kumasizini ambalwa edlule, eziphazamise inqubekela phambili nempumelelo.
Ukuze uNabi aphumelele, kufanele alungise ngokushesha futhi axazulule lezi zinkinga.
- Ukuhlukana phakathi kweqembu: Ngesizini edlule kube nemibiko ethi kunokungezwani phakathi kwabadlali bamakhaladi nabamnyama.
Kwabikwa ukuthi abadlali abamnyama banomuzwa wokuthi laba abanye baphathwa ngendlela ekhethekile.
Ukwehlukana okunjalo kungaba nomthelela omkhulu ekubumbaneni kweqembu nokusebenza kwalo.
UNabi uzodinga ukugqugquzela ubumbano futhi aqinisekise ukuthi bonke abadlali bazizwa bebalulekile ngokulinganayo futhi bephathwe ngendlela efanayo.
- Ukungaziphathi kahle kwabadlali: IChiefs ihlaselwe yizigameko zokungaziphathi kahle okuhlanganisa nemibiko yabadlali abaqavile abaphuza utshwala ngesikhathi somsebenzi.
Lokhu kungaziphathi kahle kwehlisa isithunzi seqembu futhi kube yisibonelo esibi kubadlali abasebancane.
UNabi kumele agxilise isiko lokuziphatha njengabadlali abasezingeni elikhokhelayo, aqinisekise ukuthi abadlali bathobela imithetho futhi baziphatha ngendlela efanele.
- Ukwehla kokuzethemba: Ingcindezi yokudlalela iqembu eliyisilomo njengeChiefs kubikwa ukuthi iyabasinda abanye abadlali, iphazamisa ukuzethemba nokusebenza kwabo.
UNabi kuzomele agqugquzele isikwati sakhe, asisize ukuthi samukele ijoka lokugqoka imibala yeChiefs ngokuziqhenya nokuzethemba.
Lokhu akubandakanyi nje kuphela ukugxiliswa kwamasu okudlala kodwa nokusekelwa ngokwengqondo ukuze kuthuthukiswe ukuzethemba kwabadlali.
Ukubhekana nalezi zinkinga ezintathu ezibucayi kuzobaluleka kakhulu ezinsukwini zakhe zokuqala kwiKaizer Chiefs.
Ngokukhuthaza ubumbano, ukugxilisa ukuziphatha kahle, nokukhuthaza ugqozi, angabeka isisekelo sesikhathi esiyimpumelelo nesenguquko seqembu.
Kuzobhekwa ngabomvu ukuthi uNabi ubhekana kanjani nalezi zinselelo nokuthi uzobuyisa kanjani izinsuku zenjabulo eNaturena.
OLUNYE UDABA: Sekulindwe uMokwena ngomsebenzi wakhe omusha
Enye inkinga azoba nayo, nokho angeke enze lutho ngayo, eyabalandeli abasheshe baphelelwe yiniseke.