UMthethwa akayifiseli ngisho isitha emenze kwiSwallows
– Alfred Ngubane
Umdlali wasesiswini weMoroka Swallows, uTlakusani Mthethwa, usephumele obala ngokuthi usinde kanjani enkingeni yemali ebhibahlasele kuleli qembu lakhe lakudala.
Abadlali beSwallows babekezelele izinyanga bengaholi futhi baphoqeleka ukuthi bavume ukuncishiselwa amaholo.
Isimo sifike kuvuthondaba ngoJanuwari ngesikhathi leli qembu lixosha abadlali ababalelwa ku-20 kulandela isiteleka sangoDisemba.
Lesi siteleka sangenwa abadlali ngoba befuna ukusheshe bahole. Saholela ekutheni leli qembu liphuthwe yimidlalo emibili yeDStv Premiership.
UMthethwa uchaze lesi sikhathi njengebesinzima ngokwezimali nasemphefumulweni kubadlali.
“Mina ngasindela ukuthi bengiyonga imali,” kusho uMthethwa exoxa noLisenethini.
“Yilokho okwangisindisa endlaleni ekade sibhekene nayo kwiMoroka Swallows.
“Engikubone kwiMoroka Swallows akakufiseli omunye umuntu noma engimthandiweyo.
“Kade sihlala sibhuqwabhuqwa yindlala, kodwa besisebenza ngokuqina kokuqina kwiDStv Premiership,” kuchaza Mthethwa.
Phezu kwalobu bunzima uMthethwa ukwazile ukuqhubekela phambili nokuqala isahluko esisha emsebenzini wakhe.
NgoLwesithathu ntambama, wethulwe njengomunye wabadlali abasha beRichards Bay, nabanye abane abasayinisiwe.
UMthethwa unethemba ngekusasa lakhe ekilabhini entsha. Kudingeke ukuthi akulwele ukukhululwa kwiSwallows esidayiselwe uMarumo Gallants.
OLUNYE UDABA: Sekuputshuke ikhithi entsha yaMakhosi, ngabe iyona?
Abanye abadlali abasha kwiRichards Bay nguSinethemba Sithebe, uThabiso Kutumela, uFezile Gcaba, uSbani Khumalo Keegan Allen.