UKutumela uchaza usizi lokwehla enyuka ebolekiswa
– Alfred Ngubane
UThabiso Kutumela unethemba lokuthi usezitholele ikhaya laphakade kwiRichards Bay, ahlose ukuzibonakalisa kuyo njengomdlali onohlonzo.
Lo mgadli oneminyaka engu-32 uchithe ingxenye enkulu yomsebenzi wakhe ebholeni elikhokhelayo ebolekiswa emaqenjini ahlukene.
Empeleni nje akakaze adlale eqenjini elilodwa amasizini angaphezu kwamabili.
UKutumela waqala ukugqama ebholeni lakuleli ngesikhathi ejoyina i-Orlando Pirates ngemuva kwesizini eyimpumelelo neBaroka FC edlala esigabeni sokuqala ngo-2016.
Nokho usheshe wabolekiswa kwaze kwaphela inkontileka yakhe elokhu entunta emaqenjini ehlukene.
Ube esejoyina iMaritzburg United eyagcina ngokumdayiselaa iMamelodi Sundowns ngemuva kwamasizini amabili kuyo.
Kwenzeka okufanayo nakwiSundowns, njengoba ebolekiswe kwaze kwaphela inkontileka yakhe ngoJuni.
Manje, njengoba esejoyine iRichards Bay, uKutumela uzwakalisa isifiso sakhe sokwenza leli qembu ikhaya lakhe laphakade.
“Bekunzima (ukehlwa enyuka ebolekiswa) kodwa ayikho into ebengingayenza ngoba bekumele ngibekezelele ukubeka isinkwa etafuleni,” kusho uKutumela.
Ubekhuluma neLisenethini ngemuva kokwethulwa ngokusemthethweni yiRich Boyz ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: OweYanga uyabheja ngoNabi ekuvuseni iChiefs
“Kuyangijabulisa ukuthi ngisayine kwiRichard Bay ngoba ngizokwazi ukusiza iqembu nabadlali abasebancane.”