EzintshaKaizer Chiefs

UJessica unxenxa abalandeli ukuthi ‘bengaxhamezeli’

Amakhosi abhekane nokuqondiswa izigwegwe yiPSL ngesizini edlule ngenxa yokungaziphathi kahle kwabalandeli.

Lokhu kwaholela ekutheni ikilabhu ihlawuliswe kanzima kulandela ukuthi abalandeli bejikijele owayengumqeqeshi uMolefi Ntseki. 

Ngemuva kokuxoshwa kukaNtseki, umqeqeshi obebambele uCavin Johnson naye akakwazanga ukujika izinto, kwaphela isizini abalandeli bengasamfuni nala ehambe khona. 

Manje uNabi ubhekene nomsebenzi onzima wokuqeda isomiso seminyaka eyisishiyagalolunye kule kilabhu.

UJessica unxuse abalandeli beChiefs ‘abanothando’ ukuthi banikeze umqeqeshi waseTunisia isikhathi esidingekayo ukuze avuselele lezi zinkunzi zaseSoweto. 

“Uma okwedlule kungasifundisanga ukubekezela, kufanele sibe nomhlangano kodwa ngicabanga ukuthi sifundile ukuthi ukubekezela kubalulekile. 

“Ngezinye izikhathi besithatha izinqumo sixhamazela kodwa sesifundile,” kusho uJessica.

Ugcizelele ukubaluleka kokwakha isisekelo esiqinile sempumelelo.

“Lesi yisona sikhathi engingatshela ngaso abalandeli bethu ukuthi sifuna impumelelo ezoqhubeka. 

“Sidinga ukwakha isisekelo esifanele futhi sidinga ukukwenza lokho ngokubambisana futhi sinikeze iqembu isikhathi. 

“Impumelelo ingachazwa ngezindlela eziningi,” kwengeza le ntokazi engumafungwase waseNaturena.

UJessica uzwakalise ukuthi unethemba ngemizamo yeqembu ngemuva, waphinde waveza neqhaza elibalulekile labalandeli ekusekeleni izinhlelo ezintsha. 

“Ngibheke kubalandeli bethu ukuthi badlale indima yabo ekwesekeni izinhlelo zeqembu futhi basethembe njengabaphathi nanjengeqembu.”

Njengamanje, iChiefs isohambweni lokulungiselela isizini eTureky, lapho uNabi elungiselela iqembu lesizini ezayo ye-DStv Premiership.