EzintshaKaizer Chiefs

Sekuputshuke ikhithi entsha yaMakhosi, ngabe iyona? 

Nalo nyaka awuhlukile, njengoba sekunejezi okuthiwa ngeleChiefs eliphutshuzelwe ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokuthi likhishwe ngokusemthethweni. 

Abalandeli abangena kwi-X (okwkauwu-Twitter) noma kuFacebook bazothola izithombe zejezi elisha elibonisa umbala wasekhaya osagolide nelogo yeKappa phezulu kwesokunxele.

Leli jezi lihlotshiswe ngemidweno ekhombisa iGoli emikhonweni nassokhalweni. 

Lokhu bekungakaqinisekiswa yiqembu yize izithombe ezehlukene sezigcwele ezinkundleni zokuxhumana. 

Ukukhishwa kwamakhithi amasha kubalulekile emakilabhini ebhola njengoba kukhomba isiqalo esisha (isizini entsha). 

Amakhithi amasha aletha injabulo nesasasa kubalandeli beqembu futhi ngokuvamile aholela ekuthengisweni kwempahla eningi yeqembu.

Lokhu kusiza iqembu lenze imali ebhekile ngokudayiswa kwawo. 

Ukwethulwa kwamakhithi amasha ikakhulukazi ngokubambisana nabakhiqizi bempahla abahlonishwa njengeKappa kwenyusa isithunzi seqembu emhlabeni jikelele.

KuKaizer Chiefs, edume ngomlando wayo ocebile nabalandeli abazifelayo ngeqembu, ikhithi entsha ayiyona nje umfaniswano kodwa iyisitatimende sokuziqhenya nesiko leqembu.