EzintshaMamelodi Sundowns

Sekucikicwa imibandela kwinkontileka kaMokwena eMorocco

UMokwena, osanda kuxoshwa yiMamelodi Sundowns, usethubeni lokuthatha izintambo zokuqeqesha lezi zinkunzi zaseMorocco.

Lokhu kusho igxathu elibalulekile emsebenzini kaMokwena wokuqeqesha.

Ukushiya kukaMokwena kwiSundowns kulandela izigameko eziningi zokungaboni ngaso linye nabaphathi beqembu.

Lokhu nokuthi kunabebekelwe khona okuthiwa akazange akufeze – njengokunqoba iCaf Champions League – kwenze akhululwe. 

Naphezu kwalokhu kuphazamiseka, ubungcweti nesithunzi salo mqeqeshi oneminyaka engu-37 kudonse amehlo eWydad. 

UMokwena uzohamba nethimba lakhe ukuyothatha lo msebenzi kanti kuthiwa kulo kukhona:

  • UMichael Loftman (Iphini lomqeqeshi)
  • Dayle Solomon (Performance Analyst)
  • UMario Masha (Perfomance Analyst)
  • Sifiso Mahlangu (Fitness Coach)

Leli thimba liveza ngokusobala ukuzibophezela kweWydad ekuqiniseni ithimba lalo lobuchwepheshe ukuze lenze kangcono. 

Irekhodi likaMokwena elihle, kuhlanganiswa namakhono akhethekile ethimba lakhe, kulindeleke ukuthi kube nomthelela omkhulu ekushintsheni izinto kwiWydad.

Leli qembu liqede endaweni yesihlanu kwiligi yaseMorocco iBotola Pro League. 

Njengoba uMokwena elungiselela ukungena kulesi sahluko esisha, kuzobe kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi yena nethimba lakhe bazolimisa kanjani ikusasa leWydad Athletic Club. 

Lesi sinyathelo siphawula isikhathi esibalulekile empilweni kaMokwena nezifiso zeWydad ebholeni lase-Afrika.