EzintshaKaizer Chiefs

OweYanga uyabheja ngoNabi ekuvuseni iChiefs

UNabi ungena esikhundleni sokuqeqesha esishisa kunazo zonke kuleli njengoba kulindelwe lukhulu kuyena, njengoba iChiefs idonse kanzima kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule. 

USaid, osebenze noNabi kwiYanga kumasizini amabili edlule, uyamethemba uNabi ngekhono lakhe ukuthi uzophumelela kwiChiefs.

“Angiqale ngithathe leli thuba ngimfisele konke okuhle,” kusho uSaid.  

“Ngiyazi ukuthi umqeqeshi uNabi ufika nje kunezinto eziningi ezidingekayo nezilindelwe kuye ngabalandeli beKaizer Chiefs.

“Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Wenze okumangalisayo kithi. Siwine iligi kabili ngaye, sanqoba ngaye indebe yeFA kabili. 

“Size safinyelela kowamanqamu weCaf Confederations Cup ngaye.”

Lezi zincomo zikaSaid zisekelwe kwirekhosi elihle likaNabi kwiYanga, lapho ubuholi bakhe belethele iqembu impumelelo enkulu. 

Ngahansi kukaNabi, iYanga idle izicoco ezimbili zeligi nezimbili ze-FA Cup amasizini elanelana, wafika nakowamanqamu kwiCaf Confederations Cup. 

Ngesizini edlule esekwi-AS FAR Rabat eMorocco, usale kancane embangweni wesicoco seligi, wahlulwa nakowamanqamu kwindebe enkulukazi kuleliya zwe, iThrone Cup. 

USaid ukholelwa ukuthi ngabaphathi nabadlali abasezingeni eliphezulu kwiKaizer Chiefs, uNabi angakwazi ukwenza okufanayo.

“Abaphathi abahamba phambili nabadlali iKaizer Chiefs enabo, nginesiqiniseko sokuthi uzokwenza izimanga lapha,” kusho u-Said. 

“Angithathe leli thuba ngiphinde ngimfisele konke okuhle. 

“Ngiyazi ukuthi kuzoba nzima, iNingizimu Afrika ikwelinye izinga ngokwebhola, kodwa konke okuhle kuye.”