Ezingena manje: Ivuke ngoxhaso oluhle iRichards Bay
IRichards Bay isimemezele ukuthi izinkinga zemali eke yabhekana nazo kulamasizini amabili edlule sekuwumlando futhi kwethenjwa ukuthi yinto engeke iphinde yenzeke.
Kuke kwanamahlebezi okuthi abaphathi sebeyasindeka yizindleko zeqembu kangangoba bebekucabanga nokudayisa.
Kodwa ngeke kusenzeka lokho njengoba sebethole uxhaso lwePhakwe Gas efake imali eshisiwe.
Intatheli yeLisenethini, u-Alfred Ngubane, isemcimbini la kwethulwa khona lolu xhaso nezinye izinguquko ezizoba khona eqenjini.
Ithe okwamanje osekuveziwe wukuthi iRichards Bay ixhaswe ngesamba esingu-R100-million, kodwa okwamanje ubengakatholi ukuthi olwesikhathi esingakanani.
Okunye okulindelwe wukumenyezelwa kokubuyela kwayo akhaya layo eMhlathuze Sports Complex la izodlalela khona imidlalo yasekhaya ngesizini ezayo.
Kuqinisekiswe nabadlali abasha eqenjiini oSiyethemba Sithebe noKeagan Allan.
USithebe ubekwiKaizer Chiefs kanti u-Allan yena ubekwiMoroka Swallows esiphelile njengoba idayise isitifiketi sayo.
OLUNYE UDABA: UNabi unezinselelo ezintathu ezimbheke emehlweni kwiChiefs
Umhleli: Lolu wudaba oluqhubekayo, sizokwengeza eminye imininingwane uma seyitholakele.