EzintshaKaizer Chiefs

UZwane weChiefs unesifiso esikhulu ngesizini ezayo

Lo mdlali oneminyaka engu-19 usekhempini neKaizer Chiefs eTurkey, la belungiselela khona isizini entsha ngaphansi komqeqeshi wabo omusha, uNasreddine Nabi.

UZwane ukhushulelwe eqenjini elikhulu kumasizini amabili edlule ngesikhathi u-Arthur Zwane engumqeqeshi, futhi wakhombisa ukuthi unekhono elihle. 

Nokho ngesizini edlule izinto azimhambelanga ngendlela abengafisa ngayo njengoba ijezi ebelizwa ngendaba. 

UCavin Johnson obencamela uSiyethemba Sithebe noSibongiseni Mthethwa enkabeni yenkundla. 

Kodw amanje njengoba uSithebe esehambile, futhi kunomqeqeshi omusha, uZwane unethemba elikhulu ngesizini ezayo.

Ekhuluma nabeKaizer Chiefs Media ekhona eTurkey, uZwane uqale ngokuzethula ukuthi ungubani futhi usukaphi. 

“Ngafika ngadlala kwiGDL (Gauteng Development League),” kusho uZwane elandisa abalandeli ngemvelaphi yakhe. 

“Ngadlala kwi-Under 17 nakwi-Under 19, ngabe sengitshelwa ukuthi angiyodlala eqenjini leDDC (DStv Diski Challenge).

“Yilapho engafika ngabona khona ukuthi izinga lethalente liphezulu, ngabona ukuthi kumele ngisebenze ngokuzikhandla. 

“Ngangizimisele, futhi ngamandla oMdali ngakwazi ukuphumelela,” kuchaza yena. 

Ube esebuzwa ngesifiso sakhe, afisa kuphele le sizini ezayo sesifezekile, akanzange angabaze. 

“Ekupheleni kuka-2024… ngizozama ukulwela ukuthi ngibe wumdlali wesizini.

“Okungifaka umdlandla wukuthi ngivele ngingumuntu ofisa ukuphumelela.

“Ngifuna ukuphila iphupho lami lokuba ngmdlali webhola ophumelele,” kusho uZwane.