EzintshaMamelodi Sundowns

Ubhoboka ngokuphikisa ‘amanga’ eDowns esidlangalaleni

Owayengumgadli weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, usephumele obala ngempendulo yakhe esidumile, lapho aphikisa khona isitatimende seqembu mayelana nokulimala kwakhe. 

Ezinsukwini zakhe zokugcina kuleli qembu laseChloorkop, uBrockie wafakwa ohlwini njengomunye wabadlali ababelimele.

Kodwa yena waphumela obala wakuphikisa lokhu ezinkundleni zokuxhumana, ethi yena akalimele neze.

Engxoxweni kwiPodcast kaMichael Morton kwiYouTube muva nje, uBrockie uchaze izehlakalo eziholela kule mpendulo yakhe. 

“Ngangingafakwanga eqenjini elalizodlala kulowo mdlalo,” kuchaza yena. 

“Ngangingenankinga nalokho. Ngabuyela ekhaya ngachitha impelasonto nomndeni wami.

Ngesikhathi ebheka u-Twitter, uBrockie wabona uhlu lwabadlali abangekho ngenxa yokulimala, waqaphela negama lakhe. 

“Ngatshela umkami ukuthi, ‘bathi ngilimele, kodwa ngiphile saka. 

“Ngabe sengifonela owaphethe uphiko lokwazisa abezindaba, waqinisekisa nodokotela ukuthi angilimele,” kuchaza uBrockie.

Naphezu kwemizamo yakhe, ikilabhu ayizange ililungise ngokushesha iphutha layo. 

“Ngangilokhu ngifonela lo wezindaba ngimtshela ukuthi akasuse igama lami, ngabe sengithatha isinqumo sokuphendula lo mbhalo, ngathi, ‘Angilimele mina.’ 

“Isikhulu esiphezulu [seSundowns] sabe sesingifonela, ngasitshela ukuthi, ‘Lena iyona kuphela indlela yokutshela abantu ukuthi angikho eqenjini ngoba ngingenzanga kahle ejimini, hhayi ngoba ngilimele.'” 

Ngokuhamba kwesikhathi owayengumqeqeshi uPitso Mosimane waxolisa kuBrockie, walivuma iphutha elalenzekile.

“Namanje uma iSundowns ikhipha uhla lwabadlali abalimele, abalandeli bayangifaka kulokho, babhale ukuthi, ‘Angilimele. 

“Ngabanika isikhathi [sokukhipha igama lami] futhi ngacela izikhathi eziningi ukuthi basuse igama lami. 

“Ngangifuna ukuthi kubolekiswe ngami ngaleso sikhathi ngakho ngangingafuni abantu bacabange ukuthi ngilimele,” kuphetha uBrockie.