EzintshaKaizer Chiefs

Sivalwe umfana omncane esikaKhune, isaxoxwa eyakhe

Yize kube nomcimbi wokubungaza uKhune owenziwe ekupheleni kwesizini edlule, kuhlonishwa amagalelo akhe, kodwa akukacaci ngeqhaza lakhe ukuya phambili.

“Impela sisezingxoxweni noKhune kodwa iqembu lizokwenza izimemezelo,” kusho uMotaung. 

“Sekuyiminyaka engu-25 (eseqenjini), futhi ufana nomfowethu omncane kimi. Sinezingxoxo zokuthi yimaphi amathuba angawathola.

“Futhi sibheke ngabomvu ukukumemezela esikhathini esizayo.”

UKhune, osedlale iminyaka engaphezu kuka-20, uphelelwe yinkontileka yokudlala ekupheleni kwesizini futhi usalile ngesikhathi iqembu liya ekhempini eTurkey. 

Lokhu kusala kwakhe kwengeze ukuqagela ngekusasa lakhe ekilabhini.

Khonamanjalo, uBontle Molefe oneminyaka engu-21 ophuma esikhungweni sokuthuthukisa amakhono saleli qembu, nguye okubukeka ezovala isikhala sikaKhune. 

UMolefe uyingxeye yethimba labadlali abasekhempini eTurkey, okwenza kucace ukuthi usengene eqenini elikhulu ngokugcwele. 

UMolefe uhlanganiswe noBruce Bvuma noBrandon Petersen, bobabili abaneminyaka engu-29, njengonozinti abathathu ekhempini yokulungiselela isizini.