DStv PremiershipEzintsha

ISuperSport yelule inkontileka yobemataniswa nePirates

Umqeqeshi uGavin Hunt usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili, eqinisekisa ukuthi uyaqhubeka nomsebenzi wakhe. 

Iphini lakhe u-Andre Arendse nomqeqeshi wonozinti uGrant Johnson nabo balule izinkontileka zabo ngeminyaka emibili.

Kubadlali, uThulani Hlatshwayo welulelwe ngonyaka owodwa. 

ESele Moralo, okuke kwavela ukuthi uzilolonga ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi ilibangise eSpain, usesayine iminyaka emibili kuMatsatsantsa. 

UBilal Baloyi naye usezibophezele eqenjini eminye iminyaka emibili, kanti uGamphani Lungu naye usayine iminyaka emibili.

Abaphathi beSuperSport United bazwakalise ukugculiseka kwabo ngalezi zinguqkuko zakamuva. 

“ISuperSport United inentokozo ukuqinisekisa ukwelulwa kwenkontileka yomqeqeshi uGavin Hunt ngeminyaka emibili,” kusho leli qembu.