DStv PremiershipEzintsha

ILivingston ichaza ngokubolekiswa kukaTeto kwiChippa

U-Aphelele Teto umangaze abaningi esevumbuka kwiChippa United kade kusaphele isizini eyodwa kuphela ejoyine iLivingston. 

Kodwa leli qembu liphoqeleke ukumbuyisa ngenxa yokuvinjelwa yimithetho eyengamele ibhola eScotland ukuthi imdlalise. 

Umphathi weqembu, uDavid Martindale, uchaze ngalesi simo sikaTeto, eveza izingqinamba ababhekane nazo ngeGoverning Body Endorsement (GBE). 

“Njengeqembu, beyingasekho enye into ebesingayenza ngaphandle kokuzama ukutholela uTeto iqembu azodlala kulo ngesizini ezayo. 

“Lokhu kungenxa yokuthi isicelo sake se-GBE siphinde sachithwa yi-Scottish FA,” kusho uMartindale kwi-Unplayable. 

“Ngibona le nqubo ngokwayo idumaza ngendlela emangalisayo.”

UMartindale ugcizelele ukukholelwa kweqembu ekhonweni likaTeto.

Uveze ukuthi uTeto uzilolonge neLivingston isizini yonke futhi wakhombisa ukuthi uzoba ngumdlali obalulekile ngokuhamba kweminyaka. 

Iqembu belinethemba lokuthi ukwehliswa kwalo kwiChampionship kuzwenza ushintsho ekutheni uTeto athole imvume yokudlala. 

“Siziqeqeshe nomdlali isizini yonke futhi siyazi ukuthi u-Aphelele angalethani eqenjini,” kuqhuba uMartindale. 

“Ngokwehlela kwiChampionship, sibe nomuzwa wokuthi uguquko olubalulekile lwesimo luzosiza engxoxweni yethu ukuze siqinisekise ithimba le-GBE ukuthi uTeto siyamdinga.”

Ngeshwa, ikilabhu isale ingenakho okunye ebingakwenza ngaphandl ekokuthi imdedele okwesikhashana. 

Lokhu kuphoqe iLivingston ukuthi ithole esinye isixazululo esizoqinisekisa ukuthi uTeto uyaqhubeka nokuthuthuka nokudlala.

“Njengoba belingekho ilungelo lokudlulisela phambili isinqumo, bekubalulekile njengeqembu ukuthi simgcine kodwa siqinisekise ukuthi uyadlala,” kusho uMartindale. 

“Simfisela konke okuhle uTeto kwiChippa United.”

Abaphathi beLivingston banethemba lokuthi uTeto uzothola isipiliyoni esibalulekile kwiChippa, okuzomenza abuye ngamandla.