DStv PremiershipEzintsha

UMogashoa uziphenudlele kuKadodia ngolweSwallows

UFarouk Kadodia usole uDavid Mogashoa ngokuyishaya indiva imizamo yakhe yokuthenga isitifiketi seSwallows seDStv Premiership. 

Nokho uDavid Mogashoa useziphendulele, wathi uFarouk Kadodia nguye uhlulekile ukugcina izethembiso zakhe njengoba ebelokhu embelesele ngemiyalezo engacacile ethi “Hi”.

UMogashoa – owanconywa kakhulu evusa iSwallows seyaphela – uphoqeleke ukuyidayisa kulandela ukuxakwa yizindleko zayo. 

UKadodia ngomunye wabantu abavela kuqala ukuthi bengayithenga iSwallows kodwa wagcina engayitholanga.

Ekhuluma neLisenethini ngesonto elidlule, wasola uMogashoa ngokumbambisa udonga, wathi usola ukuthi bebengafuni ize KwaZulu-Natal.

“Lo muntu wahamba kimi engumuntu obuyayo. Ngamgcina lapho, akakaze abuye,” kusho uMogashona ekhuluma neLisenethini. 

“Ubebhala umlayezo othi ‘Hi’ wodwa… Lona ngibona ukuthi uyazidlalela nje uma ekhala ngokuthi asivumanga ukumdayisela.

“Ngibona ukuthi wabalekiswa yimali uKadodia ngoba wathula saze sayidayisa iMoroka Swallows ku-Abram Sello.” 

USello ngusihlalo weMarumo Gallants okunguye ogcine ethenga lesi sitifiketi seSwallows. 

Sekubhekwe ukuthi amemezele ngoLwesibili ukuthi igama uzolishintsha aye kuliphi njengoba kubhekwe avuse iBloemfontein Celtic.