UMosimane uveza imizwa yakhe ngokwenzeke kuMokwena
– Intatheli yeLisenethini
Kowake waba ngumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, izigigaba zakamuva eenzeke eChloorkop zimshaqisile futhi zamkhuba emoyeni.
UPitso Mosimane uzwakalise ukuphatheka kabi ngokuxoshwa kukaRulani Mokwena kwakamuva, waveza ukumzwela kakhulu lo mqeqeshi osemncane.
UMokwena ukhululwe yiSundowns ngesonto eledlule ngemuva kwemibiko yokubhidlika kobudlelwano bokusebenzisana nezikhulu zeqembu.
Ekhuluma neSABC Sport ngempelasonto, uMosimane udalule imizwa yakhe yangempela ngalolu daba.
Kuzokhumbuleka ukuthi uPitso Mosimane noMokwena phambilini kuke kwabikwa ukuthi abahoshelani kahle ngemuva nje kokushiya kukaMosimane kwiSundowns.
Ngaphandle kwalokhu kungezwani kwabo kwaphambilini, uzwelo lukaMosimane lugcizelela izinselelo zokuqeqesha ebholeni elisezingeni eliphezulu.
“Manje okubuhlungu wukuthi udedeliwe kwiSundowns, angijabule neze, uyawuzwa nje naye umoya wami,” kusho uMosimane.
“Angizenzisi, ngimzwela ngampela. ISundowns iyiqembu elikhulu, iSundowns izozilungisa iqhubekele phambili.
“ISundowns ayakhiwe ngoPitso, iSundowns ayakhiwe ngoRulani, abaqeqeshi bayafika, baphinde badlule.”
UMosimane uthe uRulani wayeyilungu elibalulekile ethimbeni lakhe labaqeqeshi ngesikhathi esaqeqesha iSundowns. Ubonge igalelo lakhe noManqoba Mngqithi ngempumelelo.
“Ingiphatha kabi le nto kaRulani ngoba ngiyamazi uRulani.
“Ngiyazithoba futhi ngabonga igalelo elincane engalifaka ngesikhathi ngifika kwiMamelodi Sundowns.
“Ngilande umqeqeshi uManqoba, ngilethe umqeqeshi uRulani ukuthi kumele bangisize ohlelweni lokwakha iqembu elingcono elizokwazi ukumelana nezinselelo zasezwenikazi.
“Bekuwumbono lowo futhi ngicabanga ukuthi sonke singasho ukuthi siwufezekisile lowo mbono. Kumele sibonge abantu abafake isandla.
OLUNYE UDABA: IChiefs yethule iToyota Cup, izobhekana nelaseTanzania
“Angikwenzanga ngedwa, benginabo njengojenene bami, abasizi bami futhi bangisizile ngampela.”