OweYanga uveza okusha ngafuna u-Aziz Ki
– Sibongiseni Gumbi
Umengameli weYoung Africans, uHersi Ally Said, usekuqinisekisile ukuthi kukhona amaqembu aseNingizimu Afrika akhombise intshisekelo kumgadli wakhe, u-Aziz Ki.
I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kukholakala ukuthi bazimisele ngokuthola u-Aziz Ki njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali nje.
U-Ally Said uwavumile amahlebezi, wengeza ngokuthi uhlela ukuhlangana naye lo mdlali ngenhloso yokuzama ukumgcina.
Lesi sikhulu sikuleli njengesivakashi seKaizer Chiefs. besihambele umcimbi wokwethulwa kweToyota Cup
Kulo mqhudelwano owandulela isizini, iqembu lakhe iYoung Africans (Yanga) lizobhekana naMakhosi eToyota Stadium, eBloemfontein.
Ukuthuthela kuka-Aziz Ki eNingizimu Afrika kwengeza kubhekwe ngabomvu njengoba ezakhele igama ngesizini edlule efike neYanga.
Washaya elihle igoli kodwa lagcina liphikiwe kwathiwa ibhola aliweqanga umugqa yize kwabonakala ukuthi liweqile.
Babebhekene neSundowns kwiCaf Champions League. Manje sekubhekwe ngabomvu ukuthi azodlala kuleli.
“Kunzima kakhulu kithina, ikakhulukazi ukulahlekelwa umdlali onjengoKi Aziz,” kusho uSaid.
“Angisho ukuthi sizolahlekelwa nguye. Kodwa maningi amaqembu amfisayo, okuhlanganisa namanye amakilabhu aseNingizimu Afrika.”
Uthe njengamanje basezingxixweni naye ngenkontileka entsha yokubophela lo mgadli waseBurkina Faso isikhathi eside.
“Izingxoxo zihamba kahle kakhulu, kodwa okwamanje akukho osekuphothuliwe.
OLUNYE UDABA: Kucaciswa okwenza iKaizer Chiefs ingasayini mdlali
“Ibhola seliyibhizinisi. Imali evela emaqenjini ahlukene ingawushintsha umqondo ka-Aziz.”